UMLINGISI weSibaya, uPallance Dladla, useveze ukuthi sekuyisikhathi sokuthi izwekazi i-Afrika kube yilo eligiyayo emikhakheni yamafilimu.
Ukusho lokhu ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi ungomunye wabalingisi abahamba phambili efilimini ethi “Shadows” ezokhonjiswa esiteshini iNetflix, ngoMashi 8.
Kule filimu usebenza nentokazi u-Amanda du Pont naye olingisa kuyo.
“Sengilinde ngabomvu ukuthi abantu bayibone le filimu.
“Kusho lukhulu kimi, ngiyabonga kubona bonke abantu abalokhu beqhubekile nokungibongela,” kusho uPallance.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebelokhu beqhubekile nokumbongela uPallance.
Abalingisi okukhona kubo umngani wakhe uSdumo Mtshali, Nomzamo Mbatha, Abdul Khoza noTerry Pheto bambongelile uPallance.
UTerry uthe lokhu kusho lukhulu kulo mlingisi.
AbeNetflix bamemezele le filimu ngoMsombuluko nala kuvele khona ukuthi iqoshelwe edolobheni eGoli.
UPallance ulingisa indawo kaShadrach ‘Shadow’ Khumalo kanti * -Amanda ulingisa indawo ka-Ashley.
Le filimu ikhuluma ngokubulawa ngesihluku kwentombazane esencane.
Umseshi uShadow uyawuyeka lo msebenzi ukuze alungise impilo yabantu abafana naye umthetho ongabasizanga.
Ngosizo lozakwabo ayesebenza nabo emaphoyiseni, uShadow ungena agxile ebugebengwini obukhona edolobheni nobugcina bumkhumbuza ubuhlungu ayesedlulile kubona.
UPallance no-Amanda kuvela lezi zindaba ngabo nje kusanda kumenyezelwa ukuthi uPearl Thusi uzobonakala efilimi ethi, Queen Sono, nayo okulindeleke ukuthi iqale maduzane.