BESE bebambe umoya abalandeli bentandokazi yohlelo lwezinkundla zokuxhumana iPodcast and Chill eselokhu yanyamalala ngamaholidi. Lolu hlelo lakwiYouTube, olwethulwa uMacG noSol Phenduka, luyintandokazi kubantu abaningi njengoba luqukethe izingxoxo ezikhethekile nosaziwayo bemikhakha eyehlukene. Namhlanje kumenyezelwe ukuthi isiqephu sokuqala salo nyaka sizobakhona kusukela ngehora lesithathu ntambama.
Lezi zindaba zifike sebekade belulangazelele uhlelo ababukeli balo nabaziwa kakhulu ngama chillers.
" Kunini ngibheka iziqephu ezintsha kwi-channel. Senithathe isikhathi eside ukubuya emaholidini. Hhayi MacG sinidinga nibuya ngesonto lokuqala kuJanuwari," kusho uMandie_68.
" Kuyiqiniso impela. Sesiside isikhathi, akumele bathathe ikhefu lamaholidi elide okudlula ama-chillers," kusho uSephiri Tshepho evumelana noMandie_68.
" Sibuye ngezinkani," kusho uThabang _Iwyzy.
" Kudala sinikhumbule kulezi zigaxa zaseMzansi, kuningi kunilindile," kusho uPiyepz1.
" Sicela nabe hip hop kakhulu chillers," kuzikhalela uDandennis.Chino.
" Kade silindile," kusho uLuazie.