INGASE isakazwe kwiSABC ikhonsathi iKZN International Jazz Festival ebiseThe Station Urban Event Space, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.
Lokhu kuvezwe wumhleli walo mcimbi, u-Atlas Duma, obekungokokuqala ukhona.
“Kunesikhulu sezokukhangisa saseSABC ebesikhona esibone ukuthi ingadlala kwithelevishini. Kusazobhekwa ukuthi ishutheke kahle yini ukuze idlale kuthelevishini. Sikuvezile kodwa ukuthi bayayifuna,” kusho u-Atlas.
Umcimbi uqale ntambama waze wasongwa ezintatha izolo.
Bekuboshelwe inqwaba yabaculi abahlukene bakuleli nabaphesheya.
Phakathi kwabaculi abebekhona kubalwa uYayoi Ikawa waseJapan, Richard Bona wase-United States of America, Nduduzo Makhathini, Mbuso Khoza, Umkhumbane Jazz Ensable, Selaelo Selota, Xolisa Dlamini, Mthobisi Mthalane noBongani Nkwanyana.
Bekuba nesikhathi ngaphambi kokuthi kungene umculi olandelayo ibhendi isazilungiselela. Lokhu kwenze umphathi wohlelo, uMandla Mdletshe, obeluphethe ngokubambisana noBrenda Sisane, aze aculise abantu abebethamele umcimbi kokunye.
Bekugcwele kakhulu igenge ekhulile futhi ibiwuthokozela umculo ngoba ibishaya ihlombe kokunye isukume idanse. Kube nesikhathi sekhefu lapho izethameli ebezinamathikithi ezicukuthwane zithole khona ithuba lokuyothola okuya ngasethunjini.
Ngesikhathi kuphuma Umkhumbane Jazz Ensable, izethameli ziqhubekile nokucula enye yezingoma zayo.
U-Atlas uthe bajabule ngendlela umcimbi ohambe ngayo.
“Ngesikhathi sifaka ijazz kuphela, kukhona abathe ngeke kugcwele futhi kumele sifake nabaculi bezinye izinhlobo kodwa sanqaba. Ukunqaba kwethu kulivezile izinga lento esiyenzayo nokuthi ibhekephi futhi ihluke ngani kweminye imicimbi yejazz. Sihluke ngokuthi senza ijazz yangempela,” kusho u-Atlas.
Uthe yize kube nezingqinamba zokuthi bekulindwa ngaphambi kokuthi kungene omunye umculi kodwa uyabonga kubantu ngokuziphatha kahle nangokuhlala kuze kube yisezintatha.
“Sithanda ukubonga uMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, uMasipala weTheku osixhase ngendawo yokulala abaculi, yiSolezwe nabanye.”