BAKHALA ngokuthi ngeke lusafana nasekuqaleni uhlelo iThe Real Housewives of Durban, abalandeli balo ngemuva kokuthi omunye wezintokazi ezaluqala uNonku Williams, ememezele izindaba zokuthi uyashiya kulo.
UNonku uthe lena yisizini yokugcina ebonakala futhi ngeke aze abe khona ngisho eziqeshini ezimbili zokugcina uma sebehlangene bonke.
Lolu hlelo olukhonjiswa kwiShowmax, uNonku noSorisha Naidoo yibona kuphela abebesayibambile kusukela ngesizini yokuqala.
Kodwa uNonku akuqali ngaye ukuthi kulo abe ngowesifazane ongafuni ukuba seziqeshini zokugcina njengoba noKgomotso Ndungane, engafikanga kuphela isizini yokuqala.
Abalandeli bohlelo bathe uNonku uyena obenza luthakaselwe muva nje okuzoba nzima ukuthola owesifazane ozoqhubeka enze lokho kulaba abasele.
U-Amina uthe “Kinina balandeli kukhona abebengamthandi uNonku, kodwa iqiniso wukuthi wenze umsebenzi oncomekayo ukusa phambili lolu hlelo”.
UThatGirlRose uthe “Usehambile manje abanye bebefuna ashiye ohlelweni, kodwa sebedinwe yisinqumo sakhe, bebekubheke ngabomvu ukuthi ashiye ngelinye ilanga, usezikhiphile ebantwini abangamphethe kahle seniyakhala futhi”.
UChakra Thug uthe “Ngiyazi ukuthi nizongakuthandi lokhu engikushoyo, kodwa ngiyavumelana nesinqumo sakhe. Ohh Miss Nonku Williams uwenze kahle umsebenzi wakho kulolu hlelo futhi ngizokukhumbula kakhulu. Vele kuyakhathaza ukuthi wonke umuntu afike afune ukuxabana nawe”.
Esitatimendeni asibhale enkundleni yakhe yokuxhumana i-Instagram uNonku, uthe uthathe isinqumo sokushiya ngoba lolu hlelo lumvenza njengomuntu omubi ongenazwelo.
"Uma ngizibuka kwithelevishini, ngibhekana nento eyenzeke ngempela bese ngihluleka ukuyamukela. Owesifazane engimbonayo akuyena umuntu engithi ngiyamazi futhi ngiyamhlonipha. Ngiyazi ukuthi ngibe ngomunye wabesifazane abadlale indima enkulu ukuthi uhlelo lube yile nto efunekayo futhi ngasiza la kudingeka khona ukuze lukhule,” kusho uNonku.
Uthe uyazi ukuthi unomsebenzi omkhulu emphakathini wokwenza okuhle, aphinde akhuthaze futhi abe yisibonelo kwabanye, yingakho ekhethe ukushiya ohlelweni.
"Izimpi ezingapheli, ukudicilela phansi isithunzi sabantu besifazane nokuhlebana yikhona okungenze ngangajabula futhi kwangiqeda amandla. Ngifuna ukuba owesifazane oyisibonelo ezinganeni zami, ebantwini engikholwa nabo kanye nasemphakathini wabantu engiphila nabo nengisondelene nabo. Ngifuna ukwenza umehluko, ngishiye igama elihle ngami kulo mhlaba, kodwa uma ngilokhu ngiqhubeka nalolu hlelo nezinjongo zalo lokhu engikufisayo ngeke ngikwenze. Ngibonile ukuthi kukhona umsebenzi okumele ngiwenze mina wokuzicabangela futhi ngizivikele ezintweni ezingalimaza ngisho umqondo wami, angikhethe ukuphila okujabulisayo,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi uzosebenzisa udumo lwakhe, ukukhuthaza ukuthi abantu bathandane, babe nozwelo nokuhlalisana kahle.
"Njengoba sengilivala leli khasi, ngithemba ukuthi udaba lwami luzoqwashisa abanye, lubakhuthaze futhi lubasize kunoma yiziphi izimo ezingabavukela,” kuchaza yena.