SEKUVELE ukuthi indodakazi kaMfundisi Mthandeni Dlamuka, wodumo lohlelo Isencane Lengane, kuMoja Love (157), eyavela kulolu hlelo ilotsholwa, yambeswa yaze yakhehlwa, ikhuleliswe ngomunye umuntu wesilisa.
UMabongi Dlamuka uqale ukubonakala kulolu hlelo ephumela obala ngobudlelwane bakhe bezothando nowesilisa wakwaMagwaza, eNkandla.
Muva nje kuvela ukuthi uwushiye ubambe amakhanda umndeni wakwaDlamuka ngesikhathi eveza ukuthi ukhulelwe kodwa ingane akuyona eyalapho alotsholwa khona.
Ukukhulelwa kwakhe kuthiwa kumdine ngendlela eyisimanga uyise uDlamuka ovele wakhetha ukumxosha ekhaya.
Umthombo weSolezwe, ongaphakathi emndenini, uveze ukuthi kuduma amakhanda kulo mndeni njengoba abakubo kwengane befikile belethe inhlawulo futhi bacela nokulobola.
Okubamisile manje wukuthi uMagwaza ubiziwe ezotshelwa izindaba zokuthi uMabongi ukhulelwe, wavele wamthatha wamfaka emotweni wahamba naye.
“Umndeni uhlukene phakathi njengoba abadala besohlangothini lukaMagwaza kanti abafana bakhona bona bayagiya, bajabulela ukuthi ingane ikhuleliswe wumfana olingana nayo ngokweminyaka. Bafikile abakhona ngoMgqibelo bashiya inhlawulo, bakhipha ngisho inkomo kamama. UMagwaza kuthe uma ebizwa ezotshelwa ngalolu daba, wadinwa wathatha uMabongi wamfaka emotweni wahamba naye,” kuchaza umthombo.
Omunye umthombo weSolezwe, uveze ukuthi umfana okhulelise uMabongi uyindodana yomngani kaDlamuka abakhonza naye.
“Umndeni wakwaZulu ngoMgqibelo ufike wakhokha imali enguR16500 nenkomo ehamba ngezinyawo. Abakufunayo manje ngumakoti wabo,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi umndeni wakwaZulu usabisa ngokuthi uzolanda imali nezinkomo zawo njengoba uDlamuka engayilethi indodakazi kubona.
“Yena lo mfana wakwaMagwaza ulala kanjanin eduzane kowesifazane okhulelwe ingane yakomunye umuzi?
UMabongi ubesaziwa kwaZulu njengoba umfana wamethula kuwona wonke umuntu, okumele kwenzeke nje wukuthi kufanele akhethe ukuthi ufuna bani ukuze izinto ziqonde,” kuchaza umthombo.
Isolezwe lithinta uMabongi, uvele wangingiza wayibuza kaningi intatheli ukuthi eyaliphi iphepha emvakwalokho wathi akazikhulumi izindaba zakhe emaphepheni.
Ethintwa uDlamuka, uthe ngamanga abantu ukuthi kukhona udaba olunjalo. Uthe naye uke wazizwa izindaba ezinjalo kodwa ziyinto engekho.
UMfundisi Dumisani Zulu, okuthiwa unguyise wesoka elisha likaMabongi, uthe akukho abazokuphawula ngalolu daba.
Imizamo yokuthola uMagwaza ngalolu daba ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belungangeni.