USOMABHIZINISI waseThekwini ozakhele igama ohlelweni lwabesifazane abangomacaphutha kusale iThe Real Housewives of Durban, uNonku Williams uthi usethathe isinqumo sokushiya kulolu hlelo.
Uthi abalandeli bakhe ngeke baze bambone ngisho eziqeshini ezimbili zokugcina kuShowmax ngoba usefuna ukukhululeka emoyeni ngenxa yezinto ezenzeka kulo ezinye zazo azivezile.
UNonku umemezele lezi zindaba ekhasini lakhe ku-Instagram.
"Uma ngizibuka kuthelevishini kulolu hlelo, ngibhekana nento eyenzeke ngempela bese ngihluleka ukuyamukela. Owesifazane engimbonayo akuyena umuntu engithi ngiyamazi futhi ngiyamhlonipha. Ngiyazi ukuthi ngibe ngomunye wabesifazane abadlale indima enkulu ukuthi lolu hlelo lube yilento efunakalayo futhi ngasiza la kudingeka khona ukuze lukhule,” kusho uNonku.
Uthe uyazi ukuthi unomsebenzi omkhulu emphakathini wokwenza okuhle, aphinde akhuthaze futhi abe yisibonelo kwabanye, kungakho ekhethe ukushiya ohlelweni.
"Izimpi ezingapheli, ukudicilela phansi isithunzi kwabantu besifazane nokuhlebana yikhona okungenze ngangajabula futhi kwangiqeda amandla. Ngifuna ukuba owesifazane oyisibonelo ezinganeni zami, kubantu engikholwa nabo kanye nasemphakathini wabantu engiphila nabo nengisondelene nabo. Ngifuna ukwenza umehluko, ngishiye igama elihle ngami kulomhlaba, kodwa uma ngilokhu ngiqhubeka nalolu hlelo nezinjongo zalo lokhu engikufisayo ngeke ngikwenze. Ngibonile ukuthi kukhona umsebenzi okumele ngiwenze mina wokuzicabangela futhi ngizivikele ezintweni ezingalimaza ngisho umqondo wami, angikhethe ukuphila okujabulisayo,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi uzosebenzisa udumo lwakhe, ukukhuthaza ukuthi abantu bathandane, babe nozwela nokuhlalisana kahle.
"Njengoba sengilivala leli khasi, ngithemba ukuthi udaba lwami luzowqashisa abanye, lubakhuthaze futhi lubasize kunoma iziphi izimo ezingabavikela,” kuchaza yena.