INKAMPANI yakwaMultiChoice isiveze ukuthi ayikho ezomnika khona uNgizwe, ngetemu elithi “Ziyakhala” eliyamene nelithi “Azikhale”.
Lokhu kulandela umhlangano, uNgizwe abe nawo nale nkampani ngoMsombuluko, eRandburg, eGoli, njengoba athi ufuna izikhulu zale nkampani zimchazele ukuthi kungani zisebenzisa leli temu, zingamazisile?
Itemu lagqama ngonyaka odlule ngesikhathi sokutatshwa kwezinto ezitolo, KwaZulu-Natal.
UNgizwe waba ngomunye wabantu ababoshwa esolwa ngokugqugquzela udlame emphakathini esebenzisa leli temu.
UNgizwe waveza ukuthi ufuna bamtshele ukuthi kungani besebenzisa leli temu esikhangisweni sohlelo i-Big Brother Mzansi, bengamkhokhelile lutho ngokulisebenzisa begaya imali ekubeni yena aboshwa ngokulisebenzisa?
Esitatimendeni abakwaMultichoice abasithumelele Isolezwe izolo, bavumile ukuthi bahlangene noNgizwe Mchunu nethimba lakhe ukukhuluma ngokusebenzisa itemu.
“Leli temu alibhalisiwe njengelakhe nokuthi lingasetshenziswa kuphela ngabantu abaxhumane naye. Asivumelananga naye uma esitshela ukuthi kwakumele simazise ngesikhathi sifuna ukulisebenzisa. UNgizwe naye ukuvumile ukuthi itemu akalibhalisile njengelakhe futhi akukho lutho okuvimba ukusetshenziswa kwalo emikhankasweni ethile. Kube sekuba khona isicelo asifakile enkampanini nesisasicubungula siyinkampani, nesingeke sisivezele umphakathi ukuthi siyini,” kusho isitatimende.
UNgizwe watheleka emahhovixini akwaMultichoice efuna ukukhuluma nabaphathi ngalolu daba kulandela ukuthi ebone izikhangiso sohlelo i-Big Brother emigwaqweni yaseGoli.