UMYALEZO wokunakekela abaphila nebala elimhlophe kanjalo nokuzithanda nokuzamukela nebala lakho ngenye yezinto ezikhuthazwa imbongi esencane.
UMisebenzemihle " Emihle" Shongwe (5) waseDumbe usezakhele igama ezinkundleni zokuxhumana ngokuba imbongi esencane kodwa egadla kuzwele ngezimo zempilo. Yize engakakwazi ukuzibhalela kodwa unina uNksz Slondiwe Shongwe nodadewabo bayamulekelela ukudlulisa umyalezo wezinto afisa ukukhuluma ngazo.
U-Emihle ekhuluma naleli phephandaba ngaphansi kweso likanina uveze ukuthi uyazigqaja ngebala lakhe futhi izinkondlo yizona ezimenza akwazi ukufundisa abantu ngalo. " Ngifisa abantu bazi ukuthi ngiyalithanda ibala lami. Ngifisa bafunde nokunakekela abantu abanebala elimhlophe njengami," kusho u-Emihle.
Eqhuba u-Emihle uveze ukuthi liyamkhathaza izinga lobugebengu eliseNingizimu Afrika yize esemncane. Lokhu kumenza afise ukuba nesandla ekulungiseni lesi simo ngelinye ilanga. " Uma sengimdala ngifuna ukuba iphoyisa khona ngizobopha abagangayo abenza ubugebengu," kusho u-Emihle.
Unina, uNksz Shongwe, uthe bayamkhuthaza kakhulu ngoba wakhombisa esemncane ukuthi unothando lwezinkondlo. " Wayelokhu eziqopha ama-video esho izinkondlo efonini. Ngangivamise ukuwacisha kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngabona ukuthi kuyisiphiwo sakhe. Sesiyamlekelela manje sizwe ukuthi uthanda ukukhuluma ngani bese simsiza ukubhala," kusho uNksz Shongwe. U-Emihle uzoba ngelinye lamaciko azoba yingxenye yomcimbi wabanebala elimhlophe eThe Playhouse eThekwini ngoSepthemba 15 kwi-Albinism Arise Live.