UKUQOKWA emunxeni wenyosi i-Best Traditional Praise Singer ingalindele, kwenze imbongi esencane, uLuyanda EM Mlotshwa, yafisa ukusebenzisa leli thuba ukuvula iminyango esavalekile.
Exoxa neSolezwe ngokuqokwa kwakhe kulo mkhakha, uLuyanda (23) waKwaMaphumulo, eMvoti, uthe yiphupho lanoma yiliphi iciko ukuthola ithuba eliyingqayizivele njengaleli, naye acabanga ukuthi lizomsiza kakhulu ukuchuma ngobuciko bezinkondlo.
“Ubuciko wumkhakha ongahlale uhamba kahle futhi akulula ukuthi wonke umuntu achume, ngakho ukuthola ithuba elinjena kusho lukhulu kimi futhi ngithemba ukuthi kuzosiza ukungibeka kwelinye izinga, kwenze ubuciko bungisebenzele,” kusho yena.
Le ntokazi iqokwe kulo mkhakha ngenkondlo yayo ethi Ungibuzele, epike uBanele MaZulu kuyona. Iqhathwe noPapa Thile waseVenda noMkhuleko Madonsela waseNanda.
“Bengibheke ukuqokwa emkhakheni weBest Poet, kodwa abahleli bomcimbi babona ngifanelwe wukuqokwa kulona, okusho ukuthi kukhona into enhle abayibonile kimina.
“Okunye okwenze ngajabula kakhulu ngalokhu wukuthi inkondlo engiqokwe ngayo ikwi-EP yami engiyikhiphe nyakenye ethi Imiyezane, okwenza ngibone ukuthi kusho ukuthi ifinyelele ezindlebeni ezifanele futhi yathola indawo kubantu. Lokhu kukhomba ukuthi umsebenzi wami uyathuthuka uya phambili, ngimenywe nasemicimbini emikhulu njengePoetry Africa,” usho kanje.
Nyakenye, le ndondo inqotshwe wuLizo Ndobe wase-Eastern Cape.