ISIKHONDLAKHONDLA senkampani yomculo, iKalawa Jazmee Records, simatasatasa neqophamlando elizochaza konke ngale nkampani.
IKalawa, eneminyaka engaphezu kuka-25, isikhiqize inqwaba yabaculi abahlonishwayo kuleli nangaphandle.
Le nkampani iphethwe ngu- -Oscar “Oskido” Mdlongwa, Mandla “Spikiri” Mofokeng, Bruce “Dope” Sebitlo noZynne “DJ Mahoota” Sibika abasele bodwa ngemuva kokushona kuka-Emmanuel “Mjokes” Matsane ngo-2021.
USpiriki exoxa naleli phephandaba uthe yize bebengakafuni ukukhuluma kakhulu ngaleli qophamando kodwa likhona futhi basalisebenza.
“Sisaqopha okwamanje futhi sinabaculi abaningi okusamele sikhulume nabo baqoshwe,” kusho uSpikiri.
Uveze ukuthi njengoba besaqopha nje, abazi bazoqeda nini ngaphambi kokuthi abantu balibone.
“Ngeke ngize ngisho ukuthi kuzoba yikulo nyaka noma cha. Uma ungangithinta ngemuva kwezinyanga ezimbalwa yilapho ngizokwazi khona ukukunika imininingwane ephelele,” kusho uSpikiri.
Ngokuthola kwaleli phephandaba omunye oyingxenye yethimba labayididiyelayo ngumculi u-Unathi Msengana. Lo mculi ukuqinisekisile ekhasini lakhe le-Instagram.
“Siqopha iqophamlando ngeKalawa Jazmee… Ngiyabonga ku-Oskido ngokuthi ugcine evumile ngokuthi sixoxe indaba yakhe nendaba yethu emnandi,” kubhala u-Unathi.
Ngokwe-website yeKalawa Jazzmee Records, le nkampani yasungulwa wu-Oskido, Spikiri, Dope, Mjokes, Mahoota noDon Laka. Kuthe ngo-2001 uDon Laka wasungula iBokone Music.
IKalawa Jazmee isebenze futhi yaphatha abaculi okubalwa kubo iTrompies, Boom shaka, Mafikizolo, B.O.P, Bongomuffin, Professor, Uhuru, Zonke, DJ Zinhle, Black Motion, Big Nuz, Busiswa, Vigro Deep nabanye.