UMCULI we-Afro soul ne-hip hop, uJabulani "Sjava" Hadebe, ushaye izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa.
USjava uzolingisa indawo eqavile emdlalweni ozokhonjiswa kwiBET Africa (DStv Channel 129) iQueendom.
Lo mculi wodumo lwengoma ethi Isoka nethi Before, uzodlala indawo yendodana yengonyama uBanzi, uPrince Mkhuseli Khahlamba.
Kulo mdlalo akagcini ngokulingisa kodwa nengoma yakhe esihloko sithi Wena Wamanzi iyibika leQueendom.
USjava, odabuka eBergville, uthe ukuba yingxenye yeQueendom kube yinto enhle kakhulu.
"Kuyangithoba ukuba yingxenye yento ehlonipha isiko lase-Afrika nokubamba iqhaza ngomculo wami kule ndaba." USjava akasilo ivukane ekulingiseni njengoba esebuya kwiShaka Ilembe, Zone 14, Isifiso, eHostela neminye.
Abanye abalingisi abazobonakala kulo mdlalo ngoLinda Mtoba, Sindi Dlathu, Hamilton Dlamini, Mduduzi Mabaso, Pallance Dladla, Dawn Thandeka King, Slindile Nodangala, Themba Ndaba, Mike Mvelase, Lehasa Moloi, Nhlanhla Kunene, Patrick Mofokeng nabanye.
IQueendom umdlalo okhuluma ngamagugu, amasiko, umbango wamafa, amadlozi nokunye okuningi. Ukuthatha ukubeke ngoNtandoyise Mthombeni (okuyindawo edlalwa wuLinda), owumholi womphakathi waseTsakane kodwa othola ukuthi nguye indlalifa efanele ukuhola umbuso wesizwe sasoKhahlamba.
Unina uTholakele (okuyindawo elingiswa wuSindi) ubemfihlele lezi zindaba iminyaka ewu-30.
Indawo yengonyama uBanzi Khahlamba idlalwa wuHamilton, ekaPrince Andile Khahlamba ilingiswa wuMduduzi, ekaMcebo Khahlamba ilingiswa wuPallance Dladla bese eyendlovukazi uMaNdlovu ilingiswe wuThandeka.