Osezakhele udumo nonamakhono amaningi kwezikaqedisizungu kuleli, uNonhle Thema, ubhoboke ngokudlulela ekhasini elisha kwempilo yakhe emva kokugqabuka kwegoda likasofa silahlane elamshiya egwiliza okhwantalaleni.
“Angijoli namuntu njengamanje. Sengigxile ekuqiniseni ubudlelwano bami noNkulunkulu. UNkulunkulu udinga isikhathi. Udinga isikhathi sami njenganoma yibuphi ubudlelwano. Kudingeka nizikhiphe, nithengelane izipho. Nibuzane ukuthi kusahamba kahle yini? UNkulunkulu oyisithandwa sami. Ngingathi nje okwamanje ubudlelwano obusemqoka kimi obuphakathi kwami noNkulunkulu.”
Bekusho uNonhle Thema owazakhela udumo ngokwethula izinhlelo ezazisakazwa kuChannel O, i-O Boma ne-O Access.
Ebuzwa kwiWithin With Hazel ukuthi umshado usekhona ezinhlelweni zakhe njengoba eke wathembisana umshado nobeyisoka lakhe, uNonhle (42) uthe kungenzeka alibophe ifindo likasofasilahlane uma uNkulunkulu engamhlanganisa nendoda emesabayo futhi emthanda ngokweqiniso.
“Imizwa yami ngamadoda ishintshile njengoba ngikhula. Ngiyazi manje ukuthi yini engiyifunayo. Ngidinga indoda ezongikhulisa ngokomoya futhi ithande uNkulunkulu kakhulu ukwedlula mina. Iqonde kabanzi iZwi likaNkulunkulu.”
Uthe udinga indoda ezomsiza akhule ekukhonzeni uNkulunkulu ukwedlula uthando analo ngaye njengamanje.
UNonhle uthe kwamsiza ukulahlekelwa yimisebenzi yokwethula izinhlelo nokukhangisa ngemikhiqizo ngoba kwamenza wasondelana kakhulu noNkulunkulu. Uthe uNkulunkulu wafika wamhlenga esekhungethwe nawukhwantalala.
“Manje angisenandaba nalutho ngoba angisafune lutho lwasemhlabeni.”
Nokuhamba kukayise, uDerrick Thema, emhlabeni uthe kwabuqinisa kakhulu ubudlelwano bakhe noNkulunkulu futhi wafunda izinto eziningi.
Uthe okumphatha kabi ukuthi wahamba emhlabeni engalitholanga ithuba lokuxolisa kuye ngokuchema nonina uCynthia Shange (75) wodumo lukaDeliwe nowaba ngunobuhle wokuqala omnyama wakuleli.
“Ngangifuna ukuxolisa kuye ngoba ngangingenza kangcono ukumkhombisa ukuthi ngiyamthanda. Angikaze ngavela naye emakhaveni amaphephabhuku.”
UNonhle ubuye waxolisa kubantu abaphatha kabi eminyakeni eyedlule ngenxa yokuthi kwakusamhambela kahle emisebenzini ayeyenza nokuthi imali yayingangeziduli zabasali.
UNonhle ubuye walingisa nonina kuMuvhango futhi wabuye wadlala kwiGomora.
UNonhle uke wathembisana umshado no-Arthur Bolton futhi unendodakazi eneminyaka ewu-11, u-Ivy Zime.