UMLINGISI owaduma kwiGenerations, neDiepCity, uSonia Mbele, uphinde wangalubhada ngoLwesine, eNkantolo yeMantshi yaseGoli.
Isolezwe lithole ukuthi uSonia akafikanga enkantolo ngenxa yomyalelo kadokotela omelaphayo. Nakuba kunjalo kodwa ozakwabo bakaSonia, uYolisa Gqunta noRebone Sesing, bebekhona enkantolo bezothamela icala ababhekene nalo lokudoja ukukhokha imali yentela. Icala lihlehliselwe u-Okthoba 20.
Ekhuluma nezintatheli ngaphandle kwenkantolo, okhulumela uPhiko lwezokuShushiswa kuZwelonke eGauteng, uNksz Phindi Mjonondwane, uthe incwadi egunyaza ukuba uSonia aboshwe ihoxisiwe aze avele ngo-Okthoba 20. Eqhuba, uthe usenqunyelwe ugwayi katiki ukuba angaphinde aphuthe enkantolo ngoba usezokhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
USonia (46), kwakufanele avele enkantolo ngoLwesithathu olwedlule kodwa wangafika ngenxa yemiyalelo kadokotela. Lolu phiko lwaze lwafaka incwadi ezinkundleni zokuxhumana lapho luqinisekisa khona ukuthi uSonia nozakwabo uYolisa noRebone, basolwa ngokwephula umthetho wokukhokhwa kwentela.
"UMbele ulethe incwadi kadokotela ebithi akakulungeli ukusebenza kuze kushaye u-Okthoba 3. Laba bobathathu bangabaqondisi benkampani iReal Housewives of South Africa (Pty) Ltd."
Eqhuba uPhindi uthe oSonia babhekene noxhaxha lwamacala awu-42 okwehluleka ukugcwalisa izincwadi zentela ebizwa nge-Income Tax kusukela ngo-2019, kuya ku-2022, ukwehluleka ukugcwalisa izincwadi zeValue Added Tax (VAT) kusukela ngo-2019 kuya ku-2022, nelokuhluleka ukugcwalisa izincwadi zentela ebizwa ngePay-As-You-Earn (PAYE) kusukela ngo-2020 kuya-2022.
USonia akusiye usaziwayo wokuqala ukubhekana nengalo yomthetho ngenxa yokuhlulwa ukukhokhela intela. Kwenzeka nakumrepha uCassper Nyovest, okwavela ukuthi ukweleta isamba sikaR3.6 million, uBonang ubalekele ukukhokha i-personal tax phakathi kuka-2007 no-2017 neyenkampani yakhe phakathi kuka-2014 no-2017.