UKUBA bekuyifilimu bekuyoba unqambothi lomdlalo oveza ukuthi itatshwa kanjani imali yesikhwama se-lotto. Umlingisi wodumo kwiTsotsi neThe Bold and The Beautiful, uMoitheri “Terry” Pheto, nabanye osaziwayo sebekolusha ubishi.
Le ntokazi, eyabuye yalingisa nakwiZone 14, iyingxenye yabantu abasolwa ngokutapa isamba sika-R5 million, okwakufanele sithengele umphakathi ontulayo ipulazi lezinkukhu. Uphenyo lophiko lwamaphoyisa olubizwa nge-Special Investigating Unit (SIU) luvundulule amahlazo ngoTerry, udadewabo uDimakatso nomngani wakhe ongumsiki wengqephu, uThula Sindi.
Laba basolwa ngobengumnikazi wepulazi lezinkukhu ngokuthi balithenga ngendlela enomkhonyovu. Yize umninilo ayelibiza u-R3.8 million kodwa bona balithola ngo-R850 000. Lokhu kwenzeka emva kokusayiniswa amafomu ayengabhalwe lutho.
Lokhu kuvele emuva kokuba obengumnikazi waleli pulazi eliseduze kwase-Walkerville exhumane nephephandaba elinguzakwabo weSolezwe Ngempelasonto, i-The Star emuva kokufunda udaba lwabo.
Leli phephandaba lithole ukuthi abakwa-National Lottery Commission (NLC) bagunyaza ukuxhaswa kwenhlangano engenzi nzuzo, iZibisibix, ngesamba sika-R5 million ukuze ithengele umphakathi ipulazi lezinkukhu ngoDisemba 2018, kodwa leyo mali yagcina isicazelwa kuma-akhawunti ehlukene, okubalwa neye-Black Planet Trading, umqondisi wayo okungumsiki wengqephu uThula Sindi. Le nkampani yakhokhelwa u-R140 000.
Ipulazi lathengwa ngo-R850 000 futhi i-SIU yathola ukuthi owayengusihlalo webhodi lakwaLotto, uSolwazi Alfred Nevhutanda, wasayina amaphepha okuthenga ipulazi.
Ithimba le-The Star liziyele mathuoha epulazini, balithola licekeleke phansi, izindonga zesakhiwo esihlala iziqashi sezinemifantu. Leli pulazi alisanakiwe, selizungezwe yisikhotha nezihlahla.
Isimo sepulazi asisihle, njengoba libukeka sengathi alinakekelwa ekubeni kungekho zimpawu zokuthi kwakuyipulazi lezinkukhu, ngaphandle kwesilaha nalo eselizigugele.
Obunye ubufakazi buveza ukuthi ipulazi lathengwa ukuze kuhlomule uDimakatso, okunguye oliphethe.
Engxoxweni ekhethekile ne-The Star, owayengumnikazi wepulazi udalule ukuthi empeleni leli pulazi wayeselithengisele uMfundisi wakwaRadebe ngo-R3.8 million ngo-2018, kodwa ngaphambi kokusayinwa kwesivumelwano, umngani womndeni owayengumdayisi womhlaba wakumisa ukusayinwa kwesivumelwano.
Uthe lo mngani wamsayinisa ifomu elalingabhalwe lutho ngoba emethemba. Uthe washaqeka uma lo mngani esebuya nemali ewu-R850 000 futhi wenqaba ukusho ukuthi ngobani abathenge ipulazi lakhe.
“Sengiyazi kodwa manje ukuthi kwakuwuPheto nodadewabo ngoba bengixhumana noDimakatso." Nakuba kunjalo, uthe ufuna lolu daba ukuludlulisela eNkantolo eNkulu ukuze kuhoxiswe ukudayiselwa koTerry ipulazi lakhe.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaTerry noSindi ayiphumelelanga njengoba izingcingo zabo bezivaliwe kanti ucingo lukaDimakatso belukhala lungabanjwa.
Kuthiwa laba bayingxenye yabantu abazixebulela umkhoma oxhasweni luka-R1.4 billion lwe-NLC. Kule nkohlakalo kubalwa ngisho umculi wekwaito, u-Arthur Mafokate, owayengumlingisi weGenerations uCarol Bouwer nomlingisi weTsotsi neThe River, uPresley Chweneyagae. U-Arthur, osedlelwe imizi emihlanu, wayehlomule u-R9.3 million, uCarol wahlomula u-R7 million kanti uPresley wathola u-R15 million, nawo owacazelwa izikhulu zabakwa-NLC.