UMLINGISI wodumo kwiHome Affairs neThe Queen, uBrenda Ngxoli, ugonyuluke ngokuphenduka umhambuma. UBrenda uthe sekuphele iminyaka emibili engundingasithebeni nomtshing’ubethwangubani emuva kokuxoshwa kubo.
"Kufanele ngabe nonke niyamangala ukuthi kungani ngihlale ngikhalaza ngomsebenzi eJozi ekubeni nginekhaya. Ngakhetha ukwehla ngenyuka emigwaqweni nengane yami emhlane ngenxa yokusaba ukuhlaselwa. Ngincamela ukulala kosofa babantu naphansi, ngashiya umbhede wami neminye eyisikhombisa engayithenga eGoli."
UBrenda uthe yonke iminyaka ubondla unina nodadewabo, ebanikeza konke. "Ngibakhokhela irenti, ngibathengela ukudla nezingubo nokunye ongakucabanga. Ngisho sengihlala unomphela e-Eastern Cape kodwa bengiqhubeka nokubakhokhela irenti. Ngolunye usuku ngathi ngibavakashele, udadewethu wangixoshisa okwenja ngezithuba zabo-11 ebusuku."
Uthe usezame kaningi ukuwafihla amahlazo akubo ngoba ethi wenzela umndeni wakhe isithunzi kodwa sekumumi emphinjeni.
Le ntokazi iphumele obala enkundleni yokuxhumana i-X (ebiyaziwa ngoTwitter). Ithe zonke izimpahla zayo zinqwahe nomndeni wakhe.
"Kungani kufanele ngishiye konke kubona ukuze bajabule? Nithi angiyephi, akukhona ukuthi ngifuna ningifukamele. Kungani kufanele umgilwa enze iqhinga kodwa abamhlukumezayo besale bengenamyocu. Kwaze kwabuhlungu kimi," kubalisa uBrenda.
Uthe omunye wodadewabo uhlale elangazelele ukuphuma emithonjeni yezindaba, ngakho sekuya ngamagama enkehli.
"Sekunjalo Sisi, asabelane ngalo udumo."
Uthe okumenza angabe esakwazi ukuyihlaba inhlali ukuthi ufuna ukuba nokuthula emoyeni.
"Sengikhathele ukufihla izibazi ngoba ngithi ngenzela ingane. Ngifuna yazi ukuthi noma sekuhambe isikhathi kodwa umama wakhuluma ngalento."
Uthe ngo-2022 akakwazanga ngisho ukujabulela ukuzalwa kwengane yakhe nokuphola kahle njengoba abeletha ngomthungo, ngenxa yokuhlukumezeka emndenini wakhe.
Okunye athe kumkhathaza kakhulu ngodadewabo ukuthi uyamethuka futhi uhlale esabalalisa amahlebezi amhlambalazayo emphakathini.
UBrenda wumlingisi ongadumile kuleli kuphela kodwa osaziwa nasemazweni aphesheya, waze waqokwa nakuma-Emmy Awards.
Nakuleli ubhubhisile njengoba eqokwe amahlandla ayisishiyagalolunye kumaSouth African Film and Television Awards kodwa usaphumelele izindondo ezine kuphela.