UMLINGISI, uWiseman Mncube, ucacisa ngembangela yokushiya kwakhe kuZalo.
UWiseman, obenguSbonelo, uthe kungamampunge ukuthi uxoshiwe kulo mdlalo osakazwa kuSABC1 phakathi nezinsuku ngo-8.30 ebusuku.
Uthe akulona uZalo olumdedele kodwa nguye olucelile ukuba limdedele ngoba ubesefuna ukukhula endimeni yokulingisa.
"Kunabantu abagxeka uZalo ngokuhamba kwami kanti akuxatshanwanga. Kube yisinqumo esithathwe yimi ngoba bese ngihlale isikhathi eside kulo. Yimi engiye kubaphathi ngacela ukuhamba, bathi nabo bayawabona amagalelo ami."
UWiseman (34) uthe usuke waxinwa yimisebenzi eminingi kwase kuphoqeleka ukuba ashiye kuZalo.
"Njengamanje ngikwiMy Brother's Keeper kuMzansi Magic ngo-7.30 ebusuku. Ngilungiselela ukushutha uSeason 2 weShaka Ilembe futhi kunomunye umdlalo engizobonakala kuwo kwiNetflix."
Uthe kunokuthi agxeke inkampani eqopha Uzalo, iStained Glass, ufisa ukuyibonga ngokukholelwa ekhonweni lakhe.
Uthe iStained Glass kade yayiwa ivuka naye.
"Bengiqeda iminyaka eyisithupha ngikuZalo. Sengibuya kwiHostela, The Wife ngenxa yeStained Glass. Ngiyabonga kakhulu ngezindawo abanginikeze zona."
Uthe akaqinisekise ababukeli boZalo ukuthi uphila saka njengoba kukhona abasafonela kubo bebuza ukuthi usaphila yini njengoba bebone engcwatshwa kuZalo.
"Ngisewumqemane. Ngisaqhubeka nokulingisa. Ukuthi umngcwabo kaSbonelo usuke waba yindumezulu baze abantu bacabanga ukuthi sekuwumngcwabo wangempela. Ngibone lapho ukuthi abantu bayasilandela ngempela uma bekwazi ukusikhalela uma sishona. Ngiyabonga kakhulu kubalandeli bami ngokweseka imisebenzi yami."
Uthe yingakho ethathe isinqumo sokubonga bonke abantu ababambe iqhaza empumelelweni yakhe emcimbini ozokuba seStable Theatre, eThekwini, ngenyanga ezayo.
UWiseman wasoLundi ubuye walingisa nakwiThe Kingdom-Ukhakhayi, Gold Diggers, Generations The Legacy, Mandoza Biopic, Sokhulu &Partners, Ring of Lies, Rage of a Lioness, The Turning Point, Liberty, Ingozi neMamello.
UWiseman uqale ukugqama endimeni yokulingisa kusukela ngo-2016.
UWiseman ulamana noNtando Mncube obenguBhekile kwiFalakhe no-Omega Mncube onguPhelelani kuZalo. Ngaphandle kokulingisa, ubuye abe wumculi osanda kukhipha ingoma yegqom' ethi Pick & Choose noVukani Khoza weSkomplazi.