UMDANSI waseThekwini, uSne Mbatha, uthole ingqayizivele yethuba yokulingisa emdlalweni okhonjiswa kuBET TV ngamaSonto kusukela ngo-6.30 ebusuku, osihloko sithi Pound4Pound.
Kulo mdlalo uSne (32) uthe ulingisa indawo kaKgomotso kodwa oteketiswa ngoKG.
"Empeleni (indawo kaKgomotso) ingezinye zezintandokazi zezindawo engizikhonzile engake ngazidlala. Ngiqonde wena bob-cut, ukuthanda ukususa ukushisa, nokulingisa nje nezingwazi zakuleli."
Kubalingisi abadlala noSne kubalwa izinkakha ezinjengoMduduzi Mabaso, Zolisa Xaluva, Enhle Mbali, Kwanele Mthethwa, Kealeboga Masango, Craig Nobela, Ayanda Nhlapo, Brandon Auret, Nicole Bessick, noGabisile Tshabalala.
Uthe kusho lukhulu ukubamba iqhaza kulo mdlalo ogxile kwezamankomane e-Afrika.
Ukuthatha ukubeke ngoLindiwe Mkhwanazi (Enhle) oyisishoshovu samankomane abantu besifazane futhi oyisikhulu seSouth African Boxing Federation. ULindiwe uzifaka obishini ngokubhalisa abashayi besibhakela besifazane kuphela emqhudelwaneni obizwa nge-Africa Unite Boxing Championship eLagos, eNigeria. Ukulungiselela lo mqhudelwano, uLindiwe ulanda ibhokisa esalaphelelwa wushatini, uDingani "Tiger" Nkosi (Mduduzi) ukuba acije ozokwabo abayobamba iqhaza eNigeria.
Le ntokazi ayisilo neze ivukane kulo mkhakha njengoba seyibuya nasemidlalweni yaphesheya kwezilwandle. USne uqale ukugqama endimeni yezokungcebeleka ngesikhathi ebamba iqhaza emncintiswaneni iSo You Think You Can Dance ngo-2010.
Ubuye walingisa emdlalweni okhonjiswe kuNetflix osihloko sithi Jiva! lapho elingisa indawo kaZinhle futhi wadlala noThuso Mbedu noViola Davis efilimini yaseHollywood, ethi Woman The King.
Ubengomunye wabethuli bohlelo lomdanso obelukhonjiswa kwiMTV Base iDance Nation.
Lo mdidiyeli womdanso useke wazungeza umhlaba nezihlabani ezidumile oKendrick Lamar futhi wabhulela amazolo oJay Sean, Kanye West, Nas, Usher noTimbaland. Ikhono lakhe uyalibona kuma-vidiyo oDrake, Omarion, Wizkid, Pataronking, Anatii, Nadia Nakai nakweka-Omarion. Emicimbini aseke washiya kuyo izithameli zisahalela impinda kubalwa amaMTV Africa Music Awards, South African Music Awards, Metro FM Music Awards, GLO Caf Awards nakwiLipsync.