ABADIDIYELI bomdlalo ophelayo kwi-e.tv, uNikiwe, bathi sebethathe isinqumo sokufaka enkantolo isiteshi esisakaza lo mdlalo phakathi nezinsuku ngo-6.30 ebusuku.
Umdidiyeli wawo, uThomas Gumede, utshele Isolezwe Ngempelasonto, ukuthi sebeyohlangana enkantolo neziphathamandla ze-e.tv ngesikhathi limbuza ngamahlebezi athi abalingisi bakaNikiwe abazowuholela uDisemba walo nyaka.
Leli phephandaba lithole ukuthi inkampani kaGumede noLungile Radu, iParental Advisory Productions, ibhalele abalingisi nabanye abasebenzi abangaphansi ukuthi ngeke baze bakhokhelwe imiholo yangoDisemba.
Uthe kuningi engabe uyakusho ngalolu daba kodwa uyesaba ngoba udaba selusenkantolo.
"Ngisaba ukuthi ukuphawula kwami kuzophazamisa izinyathelo zomthetho esesizithathele isiteshi. Uma sekuphothulwe konke, sizokhuluma," kushaya ngezinqamulelayo uGumede.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi abe-e.tv bashaye phansi ngonyawo ukukhokhela iParental Advisory Productions imali yokuqopha emuva kwezinsolo zokudliwa kwemali yizikhulu zale nkampani.
Bangaphezu kuka-200 abantu abangazokwazi ukujabulela uKhisimusi nemindeni ngenxa yale ngqinamba. Kubalingisi abanohlonze ababambe iqhaza kulo mdlalo kubalwa uKenneth Nkosi, Hamilton Dlamini, Bheki Mkhwane, Clementine Mosimane, Lungelo Mpangase, Muzi Mthabela, Dudu Ngcobo, Israel Matseke Zulu nabanye.
Kwenzeka lokhu nje, lo mdlalo ukhonjwe indlela kulesi siteshi kungakapheli nonyaka usemoyeni ngenxa yokwehla kwezibalo zababukeli bawo. Bewufakwe esikhaleni somdlalo osanda kuqedwa iDurban Gen.
Imizamo yokuthola okhulumela i-e.tv ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.