ISILOMO somlingisi weDurban Gen, uBhekisizwe Mahlawe, sithi kusishaye emoyeni nasephaketheni ukuqedwa kwalo mdlalo.
Lo mdlalo okhonjiswa ngo-6.30 ntambama phakathi nesonto ku-.etv, kwamenyezelwa ukuthi uyaphela ngemuva kweminyaka emithathu ukhona.
Ukuqoshwa kwawo kugcine ngoNovemba nyakenye.
“Ngeke ungakhathazeki (ngesikhathi ezwa ngokuphela kweDurban Gen) ngoba yisinkwa sakho, yiyona into ekuphilisayo. Uyazi ukuthi njalo ekupheleni kwenyanga uyahola futhi nomlingiswa usuze wamjwayela,” kusho uBhekisizwe olingisa indawo kaCalvinator.
“Ngangilindele ukuthi kuzophela kodwa hhayi maduze ngale ndlela. Ngase ngiqalile ukuzilungiselela kodwa kwathi uma kugadla kwaba nalokho ukuthi umsebenzi wethu uhamba kanjalo akukho esingakwenza.”
Lo mlingisi oke wadlala kwiGenerations: The Legacy, uqale ukubonakala kuZalo kwiSABC 1 kusuka ngeledlule.
Ulingisa indawo yesiboshwa esinguBen 10 kaMam’Madlala. “Ukuqopha kwiDurban Gen saqeda ngoNovemba 30. Ngaya kwinhlolokhono yoZalo ngaphambi kwaleso sikhathi. Kwaqondana ukuthi inkontileka yami yaqala ngelanga esaqeda ngalo. Ukusayina kodwa akusho ukuthi usuyahola.
“Ngisebenze kanzima uDisemba noJanuwari wonke. Namanje angiyena umlingisi ophambili ohola njalo ngenyanga, ngihola ngokubizwa. Isishayile indaba yeDurban Gen,” kusho yena.
UBhekisizwe, odabuka eMzimkhulu, uthe iyamjabulisa indlela abantu abamamukele ngayo kuZalo beqala ukumbona ngeledlule.
“Bathi uma bethi ngizodlala uBen 10 ngabonaizongifaka ekukhulumeni. Ngokubheka izindawo engike ngazilingisa phambilini ngibonile ukuthi abantu ngeke bacabange ukuthi ngingadlala ekanje. Kungithusile ukubona abantu bekhombisa isasasa kanje.
“Ngisavele kathathu kodwa yonke indawo akusakhulunywa ngeDurban Gen. Ngihlale iminyaka emithathu khona kodwa sebekhohliwe ivele yagqibeka. Iyangimangaza yize indawo engangiyidlala kwiDurban Gen yayinkulu ivela zonke izinsuku. Ngifundile ukuthi akekho umlingiswa omncane, kukuwena ukuthi umdlala kanjani,” kusho uBhekisizwe.
Ebuzwa ngokuphawula kwabanye ngokuthi iDurban Gen noZalo isebenzisa abalingisi ababodwa, uthe yingoba imidlalo ikhiqizwa yinkampani eyodwa iStained Glass.
“Uma ungabheka iBomb Production yenza kanjalo. KwiZone 14, Yizo Yizo neSithembiso basebenzisa abalingisi ababodwa. Kufana nokuthi enkampanini kuthiwa kuyashoda kwelinye igatsha bese kuthathwa abasebenzi bakwelinye. Kuyenzeka bazame ngaphandle bangamtholi umuntu bese bebheka ngaphakathi.”
Uveze ukuthi ngaphandle koZalo umatasa nokuhambela izikole nembongi uSiyabonga Mpungose begqugquzela izingane.
Uthe basazohambela nezindawo ezahlukene iKwaZulu-Natal yonke bekhombisa ngefilimu alingisa kuyo iTaxi Bosses.