ZIZOQHUBEKA izinkinga zabashadikazi abakade bebonakala ngesizini edlule yohlelo lwesithembu Umnakwethu, njengoba isizini entsha yohlelo Mnakwethu: Happily Ever After? ikhuza ibuya.
Isizini entsha yalolu hlelo izoqala ukubonakala ngoLwesine kuMzansi Magic (161), ngo-8, ebusuku.
Kulona kuzogqama ubuso obusha nobudala njengoba izinkinga zokuhlanganisa isithembu, ziqhubeka nokungaxazululeki.
UMphahlele, oke wabonakala kwisizini yesithathu yalolu hlelo, uzobonakala namakhosikazi akhe uThulani noCaroline, ababeshaya ngonyawo phansi ukwamukela umnakwabo wesithathu kulesi sithembu.
Omunye ozobonakala nguCelimpilo othwele kanzima njengoba unkosikazi wakhe uMaMzobe kunzima ukuthi athole abantwana.
Laba bazobonakala kulolu hlelo belwa impi yokuletha unkosikazi wesibili emshadweni wabo njengoba uCelimpilo efuna ingane.
UShirley Adonisi, obhekele izinhlelo zakuleli kwaM-Net uveze ukuthi akubona bodwa ubuso balaba abashadile obuzobonakala njengoba kukhona nabanye abasalwela imishado yabo abazobonakala ohlelweni.
“UDulas uzoqhubeka nokubonakala kulolu hlelo njengoba izinkinga zakhe noMaShozi noMaMhlongo, ziqhubeka ngenxa yokuthi kukhona omunye wesifazane asanda kuthola ingane naye.
“Usechitha isikhathi esiningi eGoli nokuyinto engawaphethe kahle amakhosikazi emakhaya. UQondanisa, nonkosikazi wakhe uSithokozile "Mamchunu" nentombi yakhe uSamantha, bazobonakala bebhekana nomqansa onzima njengoba kukhona izimfihlo, ukusongelana nokunye okungekuhle kulo mshado,” kuchaza uShirley.
Uthe lolu hlelo lungolunye olubalwa nezenza kahle kakhulu esiteshini sabo futhi bazoqhubeka nokulwenza.
Uthe bayethemba ukuthi abantu bazozijabulela izindaba ezizobonakala ohlelweni, njengoba kukhona abashadile abasha abazoxoxa izindaba zabo.