Ngesikhathi kumenyezelwa abazobamba iqhaza kwiReal Housewives of Durban, abantu abaningi bashaqekile ngokungamboni u-Annie Mthembu, ongunkosikazi kasomabhizinisi waseThekwini, uKgolo "DaGuru" Mthembu.
Abanye baze bathi ngeke kusaba mnandi ukubuka uhlelo ngaphandle kuka-Annie. Nakuba kunjalo, u-Annie ugonyulukile ngokuthi kungani esale ngaphandle ohlelweni lwesizini 4.
Esitatimendeni sakhe asinamathisele ezinkundleni zokuxhumana, u-Annie uthe okumenze wasala ngaphandle ukuthi udinga ukuhlaba ikhefu ukuze kululame ingqondo.
"Kwesinye isikhathi ngike ngibheke emuva futhi ngigxile emabhizinisini abekhula ngemuva. Njengamanje adinga ukuthi ngizibambele mathupha ekukhuleni kwawo."
Uthe akaphathekile kabi ngokuthi uzobe engeyona ingxenye yesizini entsha yohlelo futhi usekulangazelele kabi ukubona isiqephu sokuqala ngoFebhuwari.
U-Annie ufisele amalungu amasha inhlanhla kwiReal Housewives of Durban kodwa wawanxusa ukuba aziphathe kahle ngoba isasasa lingase libadide.
"Ngiyanithanda futhi ngiyanemukela malungu amasha. Ngiyethemba nizilungiselele ukubhekana nezinselelo zangezinyanga ezizayo nokuthi ngosuku lokuqala nikhiphe amangwevu ebenifisa ukuwakhipha futhi kakhulu."
Uthe ukubamba iqhaza kwiReal Housewives of Durban kwamguqula kakhulu esuka ukubeni namahloni nasekubeni yinkomo edla yodwa waphenduka umuntu wesifazane ozazi yena uqobo nokuthi umeleni.
Esephetha uthe bekungeke kwenzeke konke lokho ngaphandle kosizo lozakwabo ohlelweni abamphonsele inselelo futhi bamfundisa ukuthi ubungani ubamukela kanjani ekubeni yena ubesejwayele ukuba yinkomo edla yodwa.
IReal Housewives of Durban yesizini 4 ibuyise uNonku Williams, noSorisha Naidoo asebemnkantshubomvu ohlelweni. UJojo Robinson okhuza ibuya okwesithathu lapho uMaria Valaskatzis, noSlindile Wendy Ndlovu bebuya okwesibili. Abasha ngo-Ameigh Sibahle Thompson, Nqobile ‘Angel’ Ndlela, noZamaswazi ‘Zama’ Ngcobo owake wasakaza emsakazweni Ukhozi FM.
Isiqephu sokuqala sizokhonjiswa kwiShowmax kusukela ngoFebhuwari 9.