UMLINGISI wodumo kwiThe Wife neSibaya, u-Abdul Khoza, ugonyulukile ngokuthi bewumndeni baphatheka kanjani ngesikhathi umnewabo, uSthembiso "SK" Khoza (36), "ehlaselwa ngamadimoni."
Ekhuluma kwiPodcast and Chill with MacG, u-Abdul (35) uthe akukhathazekanga umphakathi wodwa kodwa nomndeni imbala. U-Abdul noSK, obelingisa kwiThe Queen nakwiBlackdoor, yizelamani zakwaKhoza ezidabuka eNtuzuma.
“Sonke uma kukhona okwenzekayo kumuntu wakithi, ikakhulukazi endimeni yezobuciko, (siyakhathazeka),” kusho u-Abdul.
Uthe lokhu kwenzeka ngesikhathi sokuzibulala kukaRiky Rick. “Nami ngase ngitholile ukuthi sengathi awuzi kuSeason 3 weThe Wife. Ngathi hheyi angizi.”
"Ngalokho ngaphatheka kabi kakhulu. Ukukhathazeka komuntu wakini ngaso sonke isikhathi akuyona into elula. Ukwazi ukuthi ngiyakwazi ukuxhumana naye ngqo, kwenza ngangaxhamazela, uma kwakukhona abasebemxhamazelela ngaleso sikhathi.“
“Izinkinga zethu, ngebhadi kuthina lendima into eyaziwayo ukuthi akubi into encane ngisho kuyinto encane kanjani. Into enabantu abangayihumusha ngezindlela eziningi, okwehlukile kunale nkinga abhekene nayo. Kimina ukumbona ekulesiya simo akubanga kuhle, ngimbona ezinkundleni zokuxhumana,” kulandisa u-Abdul.
Uthe waze waqala ukukhululeka ngoba esenaye, sebexoxa.
"Ngathi sengimbona sindawonye, ngakhuluma naye, ngabona ukuthi uyangizwa nami ngiyamuzwa futhi njengomndeni sasondelana naye kakhulu, “ kusho yena."
Uthe akaboni ukuthi uSK udla izidakamizwa ngoba akakaze wazidla phambi kwakhe
"Njengomfowethu futhi engihamba naye isikhathi esiningi, ayikho into enjalo eseke yenzeka phambi kwami. Angiyena umuntu owazi yonke into kodwa uma ngibona umfowethu ngendlela engimazi ngayo noma ephazamisekile. Ngingakutshela nje ukuthi angiyazi into enjalo," kusho u-Abdul
Uthe ubebonana naye ezinsukwini eCape Town lapho bebeqopha khona omunye umdlalo owuchungechunge.
"Angifuni ukuqamba amanga. Kwakukubi. Uyazibonela nje nawe ngamehlo kumuntu wakini, naba abantu sebebona into ongayibonanga,“ kuqhuba uKhoza.
U-Abdul, obedlala indawo kaNqobizitha Zulu kwiThe Wife nekaQaphela Ngwenya, kwiSibaya, uthe kunefilimu aqeda ukuyishutha yaseRussia nomdlalo owuchungechunge.
Uzichaze njengomuntu ongayilokothi inyama nesinkwa ngenxa yokuthi uyikarateka elinebhande elimnyama.