UMETHULI wohlelo lweMoja Love olubhikishelwe yizangoma ngenyanga eyedlule, iFake Gobela, udlulile emhlabeni ngoLwesibili ekuseni emuva kokugula isikhashana.
Izindaba zokudlula emhlabeni kukaSthembele "Gogo Mathambo" Gaju, ziqinisekiswe yiMoja Love ngesitatimende esisabalalise ezinkundleni zokuxhumana.
"UGogo Mathambo ushone ngoLwesibili ekuseni emuva kokugula isikhashana. Ukushona kwakhe kube wudume lwengozi esiteshini njengoba ebenekhono nothando lokwenza umehluko emphakathini. UGogo Mathambo ukhombise isibindi ngokuvumbulula izangoma nogobela abangamaqola kanye nenkohlakalo eyenzeka kulo mkhakha. Isiteshi sidlulisa amazwi enduduzo emndenini, kubangani nakubalandeli bakhe. Iqhaza lakhe lizokhunjulwa kakhulu."
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela zingakaphothulwa izinhlelo zomngcwabo nezenkonzo yesikhumbuzo. UGogo Mathambo ungomunye wabethuli bezinhlelo ezibhikishelwe ngabelaphi bendabuko, ikakhulukazi izangoma.
Isolezwe labika ukuthi abelaphi bendabuko abangaphansi kweTraditional Healers Organisation (THO) babhikishe emahhovisi eMoja Love ngoba bekhala ngeFake Gobela, uhlelo lukaZodwa Wabantu nolukaGogo Maweni.
Okhulumela iTHO, uZanele Mazibuko, wathi bafuna zikhishwe lezi zinhlelo emoyeni ngoba zehlisa isithunzi sobungoma.
"Lezi zangoma-mbumbulu zingosomahlaya futhi zicekela phansi isithunzi sethu njengezangoma. Ngeke sivume bacekele phansi isithunzi sethu. Bazokwenza imali futhi bengenza nanoma yini ukunyusa izibalo zababukeli."
Eqhuba uZanele, wathi sekunabantu abangasakholelwa ezangomeni zangempela ngoba sezithathiswa okwamaqola ngenxa yabantu abajahe imali.
"Kusenabelaphi bendabuko bangempela abangazele imali kodwa sonke sesibhecwa ngobende," kucashunwa uZanele. Okhulumela iMoja Love, uNonzwakazi Cekete, wakuqinisekisa ukuthi zimashile izangoma kodwa wathi basahlela ukuba nomhlangano nazo.