UWILE umuthi omkhulu endimeni yemidlalo yethelevishini namafilimu, uNonkosi Frances Ndlazilwana (89), owaduma kakhulu indawo kaMama Ephi kwi-Intersexions.
Lo makadebona womlingisi udlule emhlabeni ekwakhe eGoli ngoLwesithathu ngezithuba zabo-8 ebusuku emuva kokugula isikhathi eside. Izindaba zokushona kwaleli ciko zidalulwe wumzukulu walo, naye ongumlingisi, uMbulelo Katise.
Ubhale kuFacebook ukuthi akanawo amazwi enele okuchaza ukuthi ugogo wakhe ubesemqoka kangakanani emndenini.
"Gogo, uguqule futhi wathinta izinhliziyo nezimpilo zabantu abaningi emphakathini nasemndenini wakho. Unikele futhi wathanda abantu ngenhliziyo yakho yonke. Ushiye umsizilo nesibani esingasoze sacisha," kusho uMbulelo obelingisa indawo kaScelo kwiScandal! nekaDuma Jama kwiThe Queen.
UMbulelo uthe iqhaza likaFrances emkhakheni wezokungcebeleka alilinganiseki nelamuntu ngoba uvumbulule futhi wathuthukisa inqwaba yamakhono.
"Ubuye wakhombisa elakho ikhono njengomlingisi emidlalweni eminingi yethelevishini, ezikhangisweni nasemafilimini iminyaka ngeminyaka.
Eqhuba uMbulelo uthe nempilo yakhe uyishintshile uFrances njengoba kunguye owavumbulula ikhono lakhe lokulingisa leli eselimakhele udumo ezweni, kusukela emncane.
Uthe ugogo wakhe uhambe ngokuthula emhlabeni futhi unethemba lokuthi uzoba yingelosi ezobabheka.
UFrances wazalelwa e-Eastern Cape kodwa wagcina esefudukele kwaNdongaziyaduma ngenxa yomsebenzi. Emidlalweni alingise kuyo kubalwa ne-After Nine, 4Play: Sex Tips for Girls, Erfsonders, Diamonds, Scandal!, Ashes To Ashes, Gaz'lam, Home Affairs, Isidingo, Loxion Lyric, Ngempela, Skeem Saam, The Mayor nakwiYizo Yizo.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakaziwa ukuthi amalungiselelo okumfihla nawenkonzo yesikhumbuzo ahamba kanjani.