IZOJOYINWA ngabalingisi abasha intandokazi yomdlalo wakwiShowmax, iThe Wife, ekhuza ibuya nesizini entsha ngoNovemba 10.
Ngesikhathi uphela lo mdlalo kwaqubuka amahemuhemu amaningi okuthi izilomo zabalingisi bawo zizoshiya.
Abadidiyeli baqinisekise ukuthi nguBonko Khoza (Mqhele) kuphela oshintshiwe njengoba indawo yakhe izothathwa nguWiseman Mncube.
Izilomo okukhona kuzo uMbalenhle Mavimbela (Hlomu), Linda Majola (Langa), Mondli Makhoba (Nkosana), Khanyi Mbau (Zandile) noZikhona Sodlaka (Mandisa) ziyabuya.
Izindawo elingiswa nguSipho Ndlovu (Sambulo), Thulane Shange (Mqoqi) noSwelihle Luthuli (Ntsika) kuthiwa zizokhuliswa.
“U-Abdul Khoza akashintshwanga kwisizini yesithathu yeThe Wife. Asifuni ukuyikhulumela eziko ngakho abantu kumele balinde babone ukuthi kwenzekani kwiThe Wife uma isibuya,” kusho umdidiyeli uKamogelo Aphane.
Abalingisi abasha abajoyinayo kubalwa kubo uLungelo Mpangase (Xoli), Stoan Seate (Sefako), Mo Setumo (Tshidi), Thabang Lefoa (Tsietsi) nabanye.
Isizini yesithathu izobe igxile kakhulu othandweni lukaNaledi (Gaisang K Noge) noQhawe (Kwenzo Ngcobo).
Ngeke kukhulunywe kuphela ngokwenzeka embonini yamatekisi yaseGoli kodwa kuzophunywa kuyiwe naseNorth West.
UKwenzo uthe le sizini ixoxa indaba yabantu ababili abalwela uthando.
“Lokhu uQhawe noNaledi abanakho kuhle. Abantu bazobona lezi zithandani zibhekana nezingqinamba eziningi. Baningi abantu abathandanayo kodwa kunezinto eziningi ezenza kube nzima ukuthi bathandane futhi ngiyakholwa ukuthi le ndaba izobathinta. Yinto enhle le,” kusho uKwenzo.
USefako uzobe eyimbangi kaQhawe kuNaledi.
UGaisang uthe yize kunezingqinamba kodwa uNaledi noQhawe bayaqhubeka nokuthandana kuze kube sekugcineni.
“Ngiyethemba ukuthi le sizini izojabulisa abantu futhi ibenze bakujabulele ukuthanda,” kusho uGaisang.
Isizini edlule iphele uQhawe ecela uNaledi umshado, uNaledi wathunjwa. Nephephandaba beligaywa mayelana nokuthi izelamani zakwaZulu yizo eziduna izimoto zemali.