OBAMBE iqhaza ohlelweni lwesithembu sezithandani ezixube nabanobulili obufana nobabo, Umndeni kwiMoja Love, u-Abraham Njabulo "Dabula" Nkosi udalule imfihlo esimudle iminyakanyaka.
Ekhuluma kwiWithin with Hazel, uDabula (29) uthe okumphethe kabuhlungu ukuthi selokhu azalwa akakaze awuthola umazisi. Uthe lokhu kumenza angakwazi ukuhola isibonelelo sikahulumeni uR370.
"Ngaphandle kwama-ID, ayikho enye into engihluphayo emhlabeni. Njalo uma sithi siyowashaya eMnyangweni wezaseKhaya bayasijikisa mina nomfowethu ngenxa yokuthi umama usaphila. Kuthiwa asifike nomama ngoba ubaba sewashona. Naye washona engenalo ipasi."
Ebuzwa ngama-akhawunti asebhange, uDabula uthe imali yakhe ifakwa kumntwana kagogo wakhe.
Uthe yize engenayo inombolo ye-ID kodwa watshelwa ukuthi wazalwa ngoJulayi 7, 1995.
UDabula uthe wakhuliswa ugogo noyise.
"Uthando lukamama angilwazi ngoba angimazi. Ngatshelwa nje ukuthi usaphila kodwa akwaziwa ukuthi ukuphi. Umuntu ongakutshela kahle ngomama ngumnewethu uThemba ngoba yena uyamazi kancane." Uthe kubuhlungu ukukhula ngaphandle komzali, noma kukamama.
Mayelana nesikole, uDabula uthe washiya ngesikhathi sekhefu efunda uGrade 8 emuva kokufeyila izikhawu eziyisithupha.
Uthe okwakumfeyilisa ukuthi wayehlushwa yidlozi. Udalule ukuthi yena wangena esikoleni engenazo izicathulo kodwa ehamba ibanga elithatha amahora amabili nohhafu ngezinyawo egqokiswe oplastiki.
Ebuzwa ngokuthi akazisabi yini izifo njengoba umyeni wakhe uMaseko, ehamba ebhabhabala nabantu besilisa nabesifazane, uDubula uthe kuke kwakhulunywa ngezilonda ezigcwele emzimbeni kuMaseko nokuthi kunabanakwabo abangasekho emhlabeni,okubalwa uMalwandle noSihle, uDabula uthe useye kaningi kohlolwa igciwane lengculazi ezibhedlela kodwa kutholakale ukuthi akanalo.
"Bengazi ukuthi sisesithenjini. Ngalala kathathu noMaseko ngaphandle kwekhondomu. Kube nodaba lokuthi uMaseko unezilonda emzimbeni. Ngabona ukuphawula kwabantu ezinkundleni zokuxhumana, ngayohlolwa esibhedlela, kwathiwa anginalo igciwane."
Uthe wabuya watshela uMaseko ukuthi ngoba ufuna izingane akalale nabanye ngaphandle kwekhondomu kodwa asebenzise amakhondomu kwabathandana nabobulili obufana nobabo ukuze baphephe.
"Salala naye, wabuya esethi ungikhumbule hhayi ngoplastiki kodwa inyama enyameni. UMaseko uthi ikhondomu iyamlimaza kanti nami iyangihlubula. Sagcina sesilala ngaphandle kwayo."
Uthe baqhubekile belala ngaphandle kwekhondomu futhi kuze kube yimanje akakabi nalo igciwane.
"Abantu bayasho ukuthi uMaseko uyagula, okuyinto engingayazi. Kusho ukuthi amadlozi ami asangivikele ngoba angikabi nalo igciwane. Angazi ngizoyithola kanjani ingculazi. Ngiyilindele, ngizoyimela, ngizolwa nayo."
UDabula uthe ngamampunge ukuthi uMaseko usebenzisa amandla amadlozi abo ukuzicebisa.