INJABULO kumlingisi we The Black Door, odlala indawo ka ‘Martha’ eqokelwa indondo okokuqala empilweni yakhe. IBlack Door idlala njalo ngo 9:30 kwi etv.
U-Ontiretse ‘Martha’ Radipabe, 18, oqokwe kumunxa we-Outstanding Young Perfomer, kuma Royalty Soapie Awards. Uveze ukuthi ujabule kakhulu ngokuqokwa kwakhe okokuqala kwezokulingisa.
Lo mlingisi oqala ngqa ukulingisa ngeThe Black Door, uthe lokhu kusho ukuqala kwezinto ezinhle nezinkulu ezizayo empilweni yakhe.
“Ngijabule kakhulu futhi ngiyaziqhenya ngami, nesiphiwo sami sokuba umlingisi. Ngibonga ubhuti Bongani Maseko (oke wadlala kwi Sithembiso, edlala indawo ka‘Khaludja’) nguyena owangisiza ukuthi kufezeke iphupho lami lokulingisa. Nomndeni wami ngiyawubonga kakhulu ngokungeseka”, kubeka u-Ontiretse.
Eqhuba, uthe akuzange kube lula ukufika lapho ekhona. Baningi futhi abantu ababongayo abadlale indima enkulu ukuze kufezeke iphupho lakhe. Lo mlingisi waba nothando lokulingisa kusukela emncane. Wavela okokuqala kwithelevishini eneminyaka emine kwiYo TV.
“Ngisaqala abantu bebengihleka, bengibukela phansi bethi ngeke ngibe umlingisi ovelele. Kodwa manje sebayingibona ngenza kahle namaphupho ami ayafezeka, abakholwa nokuthi yimi lo oqokelwe indondo”, kubeka u’Martha’.
Umama ka ‘Martha’, u-Akanyang Rosena Radipabe, uthe uyaziqhenya ngendodakazi yakhe. Uthe ingumuntu onesibindi futhi oyilwelayo into ayifunayo.
“Indodakazi yami kusukela incane ibinothando lokulingisa. U ’Martha” akaze ayeke ukulwela iphupho lakhe lokulingisa, kuze kube liyafezeka. Lo mntwana unesiphiwo esimangazayo, ngiyaziqhenya ngaye sengathi engayinqoba le ndondo”, kuphetha umama ka ‘Martha’.