LUKHUZA ibuya ngaphandle kwezinguquko kubantu ababonakala kulo uhlelo iThe Masked Singer South Africa yakuS3.
Lolu hlelo olususelwe kwiThe Masked Singer yaphesheya, lubuya nesizini yesibili njengoba eyokuqala ibikhonjiswa ngasekupheleni konyaka odlule.
Kuyona osaziwayo bacula bezifihlile begqokise okopopayi bese amajaji, abizwa ngabaseshi, ezama ukuqagela ukuthi bangobani
Kwisizini edlule kwanqoba umculi waseThekwini, uHolly Rey.
Umethuli wohlelo ongusomahlaya, uMpho Popps, uzobuya esikhundleni sakhe. Kuzoba ngesifanayo kubaseshi nabo ababuyayo okungoJ’Something weMicasa, Somizi Mhlongo, Skhumba Hlophe noSithelo Shozi.
Osaziwayo abazobe becula bezifihlile bangu-12.
Omunye wabanikazi beRose and Oaks Media ekhiqiza uhlelo, u-Anele Mdoda, uthe ulwazi oluncane olunikwa abaseshi ukuze bakwazi ukuqagela osaziwayo luzoba ncane kakhulu kulokhu.
“Empeleni yonke into izoba nkulu, ngcono futhi imangaze kule sizini. Abantu baseNingizimu Afrika bazothathwa yimisiko, iziqephu ezinendikimba, umndlandla wabaculi kanjalo nosaziwayo abazobe bezama konke ukunqoba indondo iGolden Mask. Sikhuluma ngezilomo kusuka kwezidume umhlaba kwezemidlalo, mhlawumbe ezinqobe indondo yomhlaba, kuya kwabadumile,” kusho u-Anele.
Umengameli wePrimedia Studios nayo engabakhiqizi bomdlalo, uJan du Plessis, uthe okuhle ngohlelo wukuthi nabantu bakuleli babamba iqhaza ekuqageleni ukuthi ngobani osaziwayo abaculayo.
IThe Masked Singer South Africa izodlala njalo ngo-6.30 ntambama ngoMgqibelo, kusuka ngo-Ephreli 6.