NJENGOBA kuqala ukukhonjiswa kweReal Housewives of Durban kwiShowmax, amehlo ezibukeli zohlelo azobe ethe njo kowayengumsakazi woKhozi FM, uZamaswazi "Zama" Ngcobo.
Yize ezobe eqala ukubamba iqhaza ohlelweni olukhuluma ngempilo yangempela kodwa inkonyane izobe ingathuki isisinga kuZama osekujwayele ukuma phambi kwamakhamera.
Eminyakeni emihlanu eyedlule wayelingisa indawo kaThabitha kwiGenerations futhi wethula uhlelo lwethelevishini iLeading Citizen kwiSABC3.
UZama wabuye wazakhela ugazi nesigcwagcwa ohlelweni lodado kuKhozi FM, enqaba ukubizwa ngo-anti yizingane ezazishayela kuKhozi Nodado.
Ebuzwa ukuthi kungani ejoyine iReal Housewives of Durban, uZama uthe yingoba uyabhekana nezinselelo.
"Ngibe nomsebenzi onzima futhi cishe ngikwenze konke, ngaphandle kohlelo lwempilo yangempela kwithelevishini. Ngakho ngesikhathi ngibizwa, ngangazi ukuthi ngibizelwa into okufanele ngiyenze," kusho uZama odabuka eShowe.
Uthe yize egcine evumile ukungena ohlelweni kodwa inqwaba imdonse ngendlebe ngezinhlelo ezikhuluma ngempilo yangempela.
Omunye ovela okokuqala kwiReal Housewives of Durban yintokazi ehlala eMhlanga, uNqobile "Angel" Ndlela engumculi osafufusa onoxhaxha lwamabhizinisi.
Uthe yena ujoyine uhlelo ngoba esebona kufike isikhathi esifanele.
"Ngifuna ukuzethula emhlabeni. Ngiyazi iThe Real Housewives of Durban inezibukeli eziningi, ngakho lithe uma lifika ithuba, ngaligxavula...Ngifuna ukwabelana nezibukeli zohlelo ngohambo lwami lwasemshadweni nolokuba wumama," kuphetha u-Angel (29).
Omunye ngu-Amanda Sosibo, owaziwa ngelika-Ameigh Sibahle Thompson, ongunina wezingane ezimbili futi ongumsunguli weFundisiwe Foundation.
Uthe yena ungene ohlelweni ngoba ukukhonzile ukuzama izinto ezintsha. "Bengifuna ukuthola amava amasha nokuziphonsela inselelo. Ngiyakholwa ukuthi ukuba kulolu hlelo akuzongilethela amathuba amasha kuphela kodwa kuzongikhipha ekunethezekeni kwalapho ngisekhona," kusho u-Ameigh.
Lezi zintokazi zizohlangana noqolothakamango bohlelo, uNonku Williams, Sorisha Naidoo, Jojo Robinson namavukane oSlindile Wendy Ndlovu noMaria Valaskatzis.