UZALO
Ngo-8.30 ebusuku, kwiSABC 1
ULUNGISELELA ibutho lakhe lezinsizwa uNkunzi ukuze bayoqala umsebenzi, kusenjalo kuba khona abahlasela isiteshi samaphoyisa. USbu utshela uMbatha ukuthi useqedile ukuqola elokishini. Isimo esiteshini samaphoyisa siyaqhubeka siba sibi. UNonka uphoqa uMinenhle ukuthi athathe isinyathelo esinqala ukuze ashintshe isimo abhekene naso. UNokuthula uphendula ngokungajabulisi njengoba uGeja emcela ukuthi bazikhiphe. Uyanyamalala uZodwa. UNkunzi nezinsizwa baba abasolwa abahamba phambili yize bengazi lutho ngokwenzekile. UNjinji umema uMaMlambo ukuthi beyokwenza omunye umsebenzi. UMbatha uyakwazi ukuqola uLinda Sibiya. Ukubheka abantu ababambe inkunzi esiteshini samaphoyisa kuba umsebenzi ongelula ukuthi awenze uMondli.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku, kwiSABC2
UMSESHI uSithole unemibuzo embalwa ngokwenzeka ngosuku okwanyamalala ngalo u-Imani. Bayaxabana uReneilwe noNkele ngemuva kokuthi uReneilwe ethole iqiniso. UKhumo unikwa ithuba lokuthi eqe ejele ngaphambi kokulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili. UBubbles uthola ukuthi uTshililo akanandaba naye. UKhumo, ongaphandle ngebheyili uhlukumeza u-Imani, yize efunwa ngamaphoyisa. UNkele uzithola edidekile uma uReneilwe efuna ukwazi ngenkani ukuthi umazelaphi uKK. U-Imani uyabaleka lapho evalelwe khona uKhumo. Kubukeka zingamhambeli kahle izinto uKhumo.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku, kwiSABC 1
U-AYANDA ubona olunye uhlangothi luka-Anele angalazi. UNozipho ufihlela isoka lakhe iqiniso. UKhumo kukhona umuntu afuna ukumjezisa, kodwa ngabe ubani? Ekugcineni uKhensani uya esidlweni sasebusuku abizwe kuso. ULucy akakujwayele ukuba yedwa nemizwa yakhe futhi lokho akakuthandi. Akekho onaka indlela aziphethe ngayo u-Anele futhi othintekayo ngento ayenzayo. UKea unomuzwa wokuthi umfowabo kukhona amfihlela khona. UMelokuhle uyabona ukuthi kukhona okungahambi kahle ngaye. UPalesa wenza isiqinisekiso sokuthi uba nozwelo.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku, kwi-e.tv
ISIDLO somndeni esihamba kahle siphazanyiswa ukungahambi kahle kwezinto ngenxa yezinkinga ezikhona kubantu abathandanayo. UTebello udidekile futhi kukhona okumlahlekelayo agcine esebenzisa i-nternet ukuze imsize. UNqobile ucela umuntu angamazi ukuthi amthengele into engekho emthethweni kubangani bakhe. UNeo uyabona ukuthi kukhona okungahambi kahle ngoTebello futhi uya kuye uyombuza. Izithandani ziyaqhubeka nokungezwani futhi lokhu kuholela ekutheni kube khona isinqumo esinzima okumele zisithathe. Izindaba ezivezwa udokotela ngoNqobile zithusa wonke umuntu.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku, kwi-e.tv
UFUNANI usola uFaith ngokuqamba amanga ngokujola kwakhe noLoyiso, njengoba eseke walala naye uLoyiso, nokwenza abuyisele indandatho kaFunani. UFunani utshela uFaith ukuthi akahambe, kusenjalo uMampho ubhekana nezinsolo zokusabalalisa izindaba ezingelona iqiniso ngo-Ona noNeo. UFaith (Winnie Ntshaba) ushiya uFunani njengoba ebona sengathi akameseki, yize uFunani esemcenga. UZanele uqamba amanga ngokuxhumana noZola. UZanele utshela uZola ngokukhulelwa kwakhe. USoka utshela uNkosi ngokuvuleka kwamathuba omsebenzi.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku, kuMzansi Magic
USTOKKIE (Ayanda Makayi) uyaqala ubona ikusasa lakhe noYoliswa. UThulani ungena shi empilweni kaLulama. UMsimelelo onekhanda eliqinile uthatha isinqumo sokungaxhumani nezingane zakhe, nokuyisinqumo angazisola ngaso. UGubevu uxwayisa uSivuyile ngokweza izinto njengobaba wakhe. U-Anathi uthola iseluleko esiqhamuka kuNozuko. Uxolo ekugcineni luba khona emndenini wakwaMawetu. ULulama utshela uThulani ukuthi ukhulelwe ingane yakhe. UStokkie uthandana noYoliswa. UThulani ubona ukuthi kumele ahlale enoLulama ngenxa yengane.
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku, kuMzansi Magic
UNdlovu uyaqinisekisa ukuthi indodakazi yakhe ihlala ingunkosikazi kaMkhululi. Uyaqhubeka nokuzila uDifa, futhi ulahlekelwe ithemba. UGabisile uthola isikhwama sikaMaMzobe. UMaMzobe uzama ukusabisa uGabisile ukuthi angatsheli muntu ngakubonile, kodwa lokho uGabisile ukushaya indiva futhi utshela wonke umndeni ngemfihlo kaMaMzobe aseyifihle iminyaka. UNokubonga uthola umngani komunye womakoti nomsiza ukuthi abone olunye usuku olusha. UNokubonga uthola izindaba ezimbi ngesibeletho sakhe.