NJENGOBA kusinda kwehlela emisakazweni eminingi ngenxa yokufudukela kwabalaleli kuma-podcast, umsakazi weNongoma FM, uSamke "Sammy" Gina, uthe unalo ikhambi lalokho.
USamke (25) waseMahhashini, KwaNongoma, uthe kufanele abasakazi baqhamuke nezinongo abazoqinisekisa ukuthi zitholakala ezinhlelweni zabo kuphela.
"Ngingenza kube yi-content efanele ukulalelwa abalaleli nokuyilapho bengahlala behlanganyela futhi beba ingxenye yohlelo. Ngiphinde ngibagcine njalo benolwazi lwakamuva, nangezinto ezenzekayo." USamke uthe angaphinde akhe abalaleli abazothembeka ohlelweni.
Ukhuluma kanje uSamke, ungomunye wabaqokwe emqhudelwaneni woKhozi FM, i-Winnie Mahlangu Next Female Presenter Search. Kuleli qoqo uqhudelana noSlizaza KaGidela waseCato Ridge kodwa osakaza kwiMvula FM noNoluthando "Ndoni" Ngobese waseChatsworth, eThekwini.
USamke wafunda eQueen KaMathathela JP naseMpumalanga SP ngaphambi kokuphothula uGrade 12 eKing Phumzuzulu High ngo-2016, wabe esenza izifundo ze-Public Relations e-Unisa.
"Uthando ngomsakazo lwaqala ngisafunda amabanga aphansi. Bengingumuntu okukhonzile ukufunda, ikakhulukazi izindaba kumaphephandaba nasemaphephabhukwini kanti futhi ngangikujabulela ukuba yingxenye yezinkulumo-mpikiswano esikoleni."
Uthe emsakazweni wangena ngokuthamela inkundla yokucobelelana ngolwazi, eyayifundisa ngokusakaza nokufunda izindaba nokunye okumayelana nomsakazo.
USamke uthe kusukela lapho, akabange esapholisa amaseko ngoba emuva kokuthola isitifiketi, wabe esengqongqoza kwiNongoma FM.
"Bangemukela ngaba umfundi wezindaba ngo-2018. Ngabuye ngathola ingosi ohlelweni lwangeSonto ngo-12:00 emini i-Sweet Sunday."
Uthe ngonyaka owedlule ube eseba ngumphathi wezinhlelo ne-Sales & Marketing Manager. USamke uthe ukhule ebukela kuThemba Khumalo nakuMroza Buthelezi.
"Ukuqokwa kwami kumncintiswano woKhozi kungijabulise kakhulu futhi kusho lukhulu kimina njengoba sengibuya ihlandla lesibili kulo mncintiswano. Nango-2022 ngangiqokiwe ngaze ngafinyelela kwiTop 2.
Lelo thuba angilibukelanga phansi futhi ukuphuma kwami u-number 2 akukaze kwanginciphisa amandla okungenela lo mncintiswano njengoba nangonyaka odlule ngangenela."
*Ukuvotela uSlizaza KaGidela, uthumela iSMS ebhalwe uWINNIE A, ukuvotela uSamke Gina uthumela ebhalwe uWINNIE B, kanti uNdoni Ngobese umvotela ngokuthumela ebhalwe uWINNIE C ku-33665. I-SMS iyodwa ibiza u-R1.50. Ukuvota kugcina ngo-Agasti 28.