INKAKHA yomsakazi weMetro FM, uWilson B Nkosi, izobungazwa ngedili lomculo e-Emperors Palace eGoli, ngoMgqibelo.
Kule ndumezulu yomcimbi kuzobe kusina kudedelana amaciko ahlukene, okubalwa phakathi kwawo oLwah Ndlunkulu, Sjava, Mafikizolo, Morda, Tbose weKaya FM, Collen Zondo weGagasi FM, Bambo Johnson weRadio 2000, DJ Muntu "Master Blaster", Msizi Shembe noSentle Lehoko beMetro FM kanti uhlelo luzobe luphethwe wusomahlaya weKaya FM, uSkhumbuzo "Skhumba" Hlophe.
UWilson B (57) ugubha ukuqeda iminyaka ewu-37 eyibambile insimbi ishisa emkhakheni wokusakaza.
Le ngwazi ithe kusho lukhulu kuyo ukuqeda iminyaka emingaka yenza umsebenzi owawuvele uyiphupho layo isakhula.
"Lokhu kuyizinkomba zokuthi kukhona engikwenza ngendlela. Yingakho ngihlale ngibonga." Uthe kuye ukuba wumsakazi kuwubizo ngoba akaziqokelanga kodwa ubusakazi obakhetha yena.
"Ukusakaza kwabiza igama lami. Ngesikhathi kubiza igama lami, ngaphendula. Umsebenzi engawukhetha ngokucophelela futhi engangifuna ukuwenza. Mina ngiwubufakazi obuphilayo bokuthi amaphupho ayafezeka ngoba nelami lafezeka."
UWilson B, osakaza uhlelo iSounds and Stuff Like That kwiMetro FM uma kuyiSonto ngo-9 ekuseni, wazalelwa ePiet Retief, eMpumalanga, kodwa wakhulela eSwatini.
Esephothule izifundo zakhe, watshelwa ngomsakazo omusha iRadio Metropolitan, okuyigama iMetro FM eyaqale yaziwa ngalo.
Nebala wafaka isicelo, wabizela kwinhlolokhono maqede waqashwa kanjalo ngo-1986.
Kusukela lapho uyibambile kulo msakazo ongaphansi kweSABC.
UWilson B uzisakaze zonke izinhlelo kulesi siteshi ngaphandle kwelomculo we-jazz ngenxa yokuzithandela. Ezinhlelweni asebuya kuzona kubalwa olwasekuseni nolwantambama.
NakwiTV ulunguzile khona njengoba azithola esesakaza iSidlalela Ulutsha, Studio Mix neJam Alley.
Ngaphandle kokusakaza, uWilson ubuye asebenze njenge-copywriter, okuwumsebenzi awenza ngaphansi kwenkampani yakhe iWilson B Nkosi Communications, egxile ekuphrojuseleni imisakazo neziteshi zethelevishini, izikhangiso ezihlukahlukene. Umsebenzi lona uWilson awenza phakathi nezinsuku kusukela ngo-1995.
Waqala ukuba yi-copywriter eJ Walter Thompson, okuyinkampani aseyibhalele futhi wayiphrojusela izikhangiso iminyaka ewu-17.
Ezinye izinkampani aseke wasebenzisana nazo emunxeni wezikhangiso iYoung and Rubican ne-Ogilvy and Mather.
Esephetha, uWilson uthe ukholelwa ukuthi okumenza ahlale isikhathi eside emsakazweni ukuhlonipha umsebenzi wakhe futhi akagcini icala uma ewenza.
Amathikithi okuthamela umcimbi kaWilson abiza kusukela ku-R500 eComputicket.