UFISA ukuba ngomunye wabasakazi abahamba phambili uNokwanda Tema (29) njengoba umsakazi akuwo iGagasi FM, likwazile ukubasiza bathuthuke ngolwazi womkhakha wezokusakaza.
Le ntokazi yaseGingindlovu ingumethuli wezemigwaqo kulo msakazo ezinhlweni ezehlukene phakathi nesonto.
Ekhuluma neSolezwe, uveze ukuthi uqede u-matric ngo-2012 eShowe, eChristian School, nokuyilapho wayengumfundi owayeziqengqelezela phambili ezifundweni ezithinta amasiko.
“Ekhaya bangeseka ngesikhathi ngibatshela ukuthi ngifuna ukwenza into ehlukile kunale abazali bami ababeyiyona njengoba bobabili babengothisha. Uhambo lwami lokusakaza lube seluqala ke ngo-2020, lona unyaka wami wesine ngikulo mkhakha. Ngisebenze kanzima ukuze ngibe lapha njengoba ngaqala ngenza iziqu zeMedia Techniques, eFootprint Media Academy eJohannesburg.
Inhloso yami kwaba ukuthi uma kungakhanyi emsakazweni ngiye nakwithelevishini, kodwa ngathi ngiqeda ngathola umsebenzi njengophrojusa wezinhlelo ezihlukene esiteshini i-1KZN TV, eRichards Bay,” kusho uNokwanda.
Uthe ngemuva kwalokho, washiya kulesi siteshi wayohlala ekhaya nokwaba nzima ukuthi abuye athole elinye ithuba kulo mkhakha.
“Ngathi ngizifundela iphepha ngabona isikhangiso, umsakazo iRadio Al Ansaar, yayifuna umfundi wezindaba. Ngazizwa ukuthi ngingawenza lo msebenzi, ngeke ngihlule ukufunda phansi. Ngafaka isicelo ngingazi ukuthi kanti sengizivulela namanye amathuba. Kulo msakazo ngaqala ngafunda izindaba ngempelasonto, akuphelanga nenyanga ngafakwa phakathi nezinsuku,” kuchaza yena.
Uthe ngenxa yokuswela indawo yokuhlala, washiya kulo msakazo wathola elinye ithuba emsakazweni iRadio Life & Style, eBallito, nakhona enza izinhlelo zezindaba.
Uthe wayehlala ethandaza ukuthi athole ithuba kwiGagasi njengoba ayethumela ama-demo futhi efaka nezicelo zomsebenzi kwaze kwaba bayamphendula.
Kulo msakazo uthe uqale kuwo ngesikhathi kwenzeka izinguquko, wasebenza ohlelweni i-Uprising eshayelwa uFelix Hlophe noMinnie Mtuli.