UKUFA kulinuku kuvele kugadle kungazelele muntu kusishiye nemibuzo engenazimpendulo.
Ngike ngathula kulezi zinsuku ngicabanga ukuthi impela asikwazi ukuhlelela ikusasa ukuthi lizobe limi kanjani ngoba kuvele kwenzeke ebesingakulindele.
Ukudlula emhlabeni komsakazi woKhozi FM, u-Irvin Xolile Sihlophe, obebuye aziwe ngo-DJ Amen, kungishiye ngidumele.
Ushona nje umuntu ubehlele ukuthi aye kombheka esibhedlela ngoLwesihlanu ngoba bekungekho emqondweni ukuthi angase adlule emhlabeni. Bekukhona ithemba lokuthi uzolulama.
USbali nokuyindlela ebesibizana ngayo, ngiqale ukumazi ngifika eRadio Khwezi ngoJuni 2006 ngiyosebenza khona ukuze ngizokwazi ukuphothula izifundo zami zobuntatheli engangizenza eDIT eseyaziwa nge-DUT.
Uma ngifika KwaSizabantu - ngiqala ngqa ukufika khona - ngamfica, enabanye ozakwethu abanye asebesoKhozini oTusokwakhe Mhlaba, Sthembiso Majozi nabanye abasebenza kwithelevishini oMabutho Ngcobo noSandile Mchunu nabanye.
Impilo eyayiphilwa KwaSizabantu impela yayinokungixaka ngoba kwakunezinto engizijwayele ezazingenziwa, njengokungagqokwa kwebhulukwe, kunenqubomgomo yakhona eyayilandelwa.
USbali wayengomunye wabantu ababengicathulisa ngokuthi kumele ngiziphathe kanjani nokuthi kuphilwa kanjani ngoba wayesehlalile emishini yaKwaSizabantu engumsakazi weKhwezi..
Lapho engiqonde khona kodwa isekubeni kwakhe nesineke ekufundiseni ngomsakazo.
Ngingasho nje ukuthi wangicathulisa kakhulu ukuthi ngigcine ngikwaze ukuzimela njengentatheli engifundisa konke okwakwenziwa emsakazweni, kusuka ekusebenziseni ubuxhakaxhaka bemishini yase-studio, ekufundeni izindaba kuya ekwethuleni izinhlelo zezindaba ezisematheni.
Waqale wangijwayeza ukwethula izinhlelo ngokuthi ngilekelelane naye esangiqeqesha belu. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi wabe esethi useyangishiya-ke ngedwa sengingalubamba uhlelo lwezindaba olwalungena emini. Ngagcina impela sengikwazi nokubambela abanye ozakwethu ngisho nakwezinye izinhlelo zezindaba.
Yonke into abeyenza ubenesineke futhi eyenza ngomoya ophansi ekhonze nokuhleka.
Umoya wakhe ubuhlale uyinto eyodwa engashintshi. Kuthe noma esesebenza kuKhozi waqhubeka nokuba yinto ebesimazi eyiyo.
Okunye engikuqaphelile ngozakwethu ukuthi ubephanta engene ekuhleleni imicimbi nakwezinye izinto ebezikhombisa ukuthi ubethanda inqubekelaphambili. Futhi ubengakhohliwe yilapho ephuma khona njengoba kunemicimbi abeyenza ngakubo eHarding njengeHarding Summer Festival ngoDisemba.
Kunomcimbi oba njalo ngePhasika abewuhlela noPastor Mjosty, Uvukile Gospel Festival. NaseRadio Khwezi lapho esancela khona ulwazi emkhakheni wobuntatheli nokusakaza ubesakuthatha njengekhaya.
Ngithi duduzekani mndeni wakwaSihlophe, bangani, zihlobo balingani bakhe emsebenzini emikhakheni eyehlukene. Amagalelo ale nsizwa siyawazi futhi siyohlale simkhumbula. Ulale ngokuthula Sbali.