EZINYANGENI ezine ezedlule kwasuka umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yendlela okwashiya ngayo uPenny Ntuli esiteshini esizimele esizinze eThekwini, iGagasi FM.
Okwadala ukushayisana kwemibono ebantwini ukuveza kwale ntokazi ukuthi abaphathi balo msakazo oseCornubia, bambekela uR2 800 ngenyanga, ngohlelo ayezolusakaza kanye ngesonto. Wakhala ngokuthi lo mholo muncane futhi awumfanele.
Akuphelanga sikhathi esingakanani, uPenny wamemezela ukuthi usejoyine iJozi FM, lapho ethula khona i-Mid-Morning Chat, njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-9 kuya ku-12 emini.
Isolezwe lihlangane nale ntokazi komunye wemicimbi ebimenywe ukuyonandisa kuwona muva nje.
Ibuzwa ngempilo yaseGoli ithe konke kuhamba kahle futhi iyawujwayela nomsebenzi, nokho yangena ezintangeni isibuzwa ukuthi ingabuyela yini kwiGagasi FM uma kungavela ithuba.
“Ngeke ngikwazi ukuphendula lowo mbuzo wakho ngoba thina bantu siyahlela ngendlela yethu, kepha wuNkulunkulu onquma ukuthi kuzokwenzekani, futhi ngasikhathisini,” usho kanje.
Kwale ngisho ebuzisiswa ukuthi ngeke alamukele yini ithuba lokubuyela kulo msakazo uma enganikwa ithuba lokusho imali nomauhlelo alufunayo, wala ukhasha wangaphumela obala.
“Kunzima ukuphendula lowo mbuzo ngoba nina niyizintatheli, nizothi nisuka nithi uPenny uthe. Engikushoyo nje wukuthi ngijabule kakhulu ngakho konke kwiJozi FM,” kusho uPenny.
Le ntokazi enabalandeli abangaphezu kuka-1 million kwiFacebook, eyaziwa nangokuphatha izinhlelo zemicimbi, ike yasakaza nakwiRadio DUT, Vibe FM neNanda FM.