INTANDOKAZI yomsakazi uNonhlanhla Mroza Buthelezi ibheke ukukhula komsebenzi wokuthuthukisa imbokodo yasemakhaya ngendondo yeBasadi In Music Award.
Le ntokazi, igama layo elikwamanye abesifazane abane abaqhudelana ngendondo yomsakazi wesifazane ovelele, ingomunye wabasakazi boKhozi FM abangaconsi phansi kubalandeli babo.
Uthando lokuxhumanisa, ukuthuthukisa nokushintsha impilo yabantu yinto le ntokazi yaseDokodweni eGingindlovu ekhule nayo futhi namanje isakuthakasela ukusebenza nabantu abahlukene ukwenza okuhle ezindaweni zasemakhaya.
Exoxa neSolezwe, uMroza uthe wakhula ekuthanda ukusakaza, kuxaka khona ukwazi izindlela zokufinyelela embobhweni azilula. Ukuzinikela kwakhe ekuhlanganiseni intsha endaweni yangakubo kwenziwe izinto ezehlukene zokuthuthukisa amakhono yikona okwamenza wabonakala efanelekile ukuthola ithuba eliyingqayizivele lokujoyina uhlelo lweLove Life.
“Ukufika kweLove Life iveza ukuthi ifuna intsha ezosebenza nabo kwaba yisibusiso kimi. Kulolu hlelo ngathola ithuba lokufunda ukusakaza nokwenza izinto eziningi ezehlukene ngihambela nezinye izifundazwe. Lokhu yikona okwafaka isigxivizo entweni angase nginayo enhlizweni yami yokuthi ngiyafisa ukuba ngumsakazi.
Ngisho seluphothuliwe uhlelo lweLove Life, le ntokazi kayizange izibeke phansi, kodwa yaqhubeka nokuzama amathuba amahle kwaze kwaba wukuthi ithola umsakazo wokuqala eyasebenza kuwo ngokuzimisela iCora FM ngesikhathi isazinze eShowe.
Abantu abaningi abangabalaleli bomsakazo bayalukhumbula udumo lwale ntokazi kulo msakazo izamazamisa isifundazwe sonke.
Insizwa yangakubo eyayingumshayeli wamatekisi ngesikhathi le ntokazi isazibambile kulo msakazo uJethro Mthembu, ithe babengaphuthelwa wukulalela uhlelo lwale ntokazi ntambama ngoba yayinomfutho omkhulu futhi izwakala ukuthi yenza into eyithandayo.
UMroza ufakazela le nsizwa yakwaMthembu uma ithi wayefika naserenki yamatekisi efuna uxhaso ukuthi kukhokheleke izinsizakusebenza zesiteshi sabo futhi nabo abasakazi bathole okuya ngasethunjini.
“Ukujoyina kwami iCora kwangifundisa lukhulu ngoba umuntu wayenza yonke into emsakazweni, wawusakaza, ufunde izindaba uphathe nezokukhangisa ngesikhathi siphuma singena ezitolo ezehlukene sifuna uxhaso ukuze sikwazi ukukhokhela izinsiza ezifana nogesi,” kusho le ntokazi ikhumbula izikhathi ezinhle zokuzabalazela into eyayiyithanda.
Uthe ukuthola ucingo luvela kwingqalabutho uBhodloza Nzimande lumazisa ngenhlolokhono eyenziwa emsakazweni uKhozi FM kwayishintsha kakhulu impilo yakhe.
“Yize ngingaphumelelanga kwinhlolokhono yokuqala, kodwa ngaphumelela kweyesibili ngasakaza uhlelo lwaphakathi kwamabili. Lokho kwangisiza kakhulu kwangakha njengomsakazi ngoba ngangithola nethuba lokubamba ezinhlelweni eziningi ngazinika nesikhathi sokufunda ukuthi ziphathwa kanjani izinhlelo ezehlukene,” kuqhuba yena.
Ekhuluma ngokuqokwa kwakhe kwiBasadi In Music Awards, uthe ukuvela kwegama lakhe kusho lukhulu kuyena.
“Ukuvela kwegama lami lapha kusho ukuthi abezindondo bathi qhubeka Mroza nomsebenzi omuhle owenzayo, qhubeka nokuhlanganisa abantu nokwenza okuhle emphakathini futhi kusho ukuthi siyawubona futhi siyawubonga umsebenzi wakho.”
Le ntokazi inxusa abalaleli nabalandeli bayo ukuba bavote ngokuphindaphindiwe. Uma ethola le ndondo, uzosebenzisa yona ukuqhubeka nomsebenzi wakhe ngaphansi kwenhlangano yakhe iThumumlilo Foundation ukuze athole uxhaso aqhubeke nomsebenzi wakhe wokuthuthukisa intsha ikakhulukazi amantombazane nabesimame abakhulile ezindaweni zasemakhaya.
IBasadi in Music Awards umcimbi wezindondo owenziwa minyaka yonke ngo-Agasti, iqhakambisa umsebenzi wabesifazane abahlukahlukene embonini yezikaqedisizungu, kusukela kubaculi, abahleli bomculo, abethuli banahleli bezinhlelo zethelevishini zomculo kanjalo nabasakazi kanye nabahleli besifazane emisakazweni. Okuhle ngalezi zindondo wukuthi izwi elihamba phambili ngelomphakathi okuyiwona othatha isinqumo ngabafanele ukuwina ngokuvotela imfivilithi yabo.
Ukuvotela u-anti wosmudlimudli-phu thumela umlayezo othi: RADIOPRESENTER MROZA BUTHELEZI ku-49960 noma ungene ku-www.bima.com