USHONE ephuthunyiswa esibhedlela ngoLwesibili umsakazi woKhozi FM, uBheka “BK” Mchunu obenza uhlelo lukamaskandi uSigiya Ngengoma njalo ngoMgqibelo.
UBK, odabuka eMpangeni, ushone ngemuva kokugula isikhashana njengoba umthombo weSolezwe uveze ukuthi ushone esekhaya kubo. Kuthiwa wathi ezwa ukuxineka waphuthuma ekhaya.
"Akasekho ngempela, ushone namhlanje (ngoMsombuluko) bethi bazama ukumphuthumisa esibhedlela ngoba umndeni wakhe ubusubona isimo sakhe siba sibi kakhulu. Uyisihlobo sami esiseduzane asizwanga nathi ukuthi kulokhu ubebanjwe yini le edale ukuthi aze adlule emhlabeni. Kubuhlungu kakhulu okusehlele," kusho umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi umsakazo uKhozi FM yiwona owenza usimemezelo ngemvume yomndeni ngoLwesithathu ekuseni.
"Yebo, yena akasekho khona ukugula bese kumdlile kodwa ngenxa yokuthi kade sagcina ukuzwa ukuthi ubambekile bese sinethemba lokuthi ukufa usekunqobile," kuchaza omunye umthombo.
Isolezwe lithole ukuthi bese kuphele amasonto angaphezulu kwamathathu lo msakazi engezwakali emoyeni.
UZama Mseleku noBingelela Mpanza kuvela ukuthi yibona akade bephethe uhlelo.
Imizamo yokuthola umphathi woKhozi FM, uSbongi Ngcobo, ayiphumelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
U-BK udlula emhlabeni nje, uKhozi lusanda kulahlekelwa umsakazi wezemidlalo u-Irvin Sihlophe oshone ngoNovemba ngonyaka odlule.