NAMHLANJE kuzocaca ukuthi yimuphi usaziwayo ozokhala emuke nesicoco sokuba yinxusa lenxanxathela yodumo lobukhazikhazi eseMhlanga, i-Oceans Mall.
UPortia Maphumulo (26), ongumsakazi kwiGagasi FM, ungomunye wosaziwayo abasibheke ngabomvu lesi sicoco.
Le nxanxathela yaba sematheni ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yobukhazikhazi nezakhiwo zikanokusho ngoNovemba nyakanye.
Ngenxa yobukhazikhazi, nezakhiwo zikanokusho, nezitolo ezibizayo nezisezingeni eliphezulu, ezahlukahlukene. Yasungula umncintiswano wokuhlonza ozoba yinxusa layo lenxanxathela.
Le ntokazi edabuka eLamontvile, eThekwini, ibambe umoya njengoba ukuqagela ngozoba yinxusa kuphela kusasa(ngoMgqibelo). Uthe ukudlulela esigabeni sokugcina ukuhlonza ozoqokwa njengenxusa, kukodwa kusho lukhulu.
“Awucabange nje intombazane esuka elokishini laseLamontvile, isiyoba yinxusa leMall yaseMhlanga, akukholakali neze. Ngijabule kakhulu ngokudlulela esigabeni sokugcina. Ukunqoba yinto engiyibhekile, futhi engingayijabulela kakhulu. Kodwa umuntu angalindela noma yini. Ukudlulela nje esigabeni sokugcina kukodwa kusho lukhulu”, kusho uPortia.
Eqhuba, uthe okwenza wangenela lo mcintiswano, wuthando lwezemfashini ukuzikhulisa futhi asabalalise ikhono lakhe kubantu. Aphinde athuthukise ikhono lakhe lokusebenza emsakazweni.
Le ntokazi, isisebenze iminyaka engaphezu kwemibili kwiGagasi, kumanje iqeqeshelwa umsebenzi wozokuxhumana phakathi kwabalaleli nomsakazo.
Umcimbi wokumenyezelwa onqobile uzobanjelwa kuyona le nxanxathela. Umcimbi uqala ngo11 ekuseni. Bangu- 15 sebebonke abadlulele esigabeni sokugcina.
Uphinde waveza nokuthi akukho okuzoshitsha uma enqoba lo mcintiswano wokuba yinxusa yale nxanxathela yezitolo, usazoqhubeka nokuba yingxenye yomsakazo weGagasi FM.