UMSAKAZI wesiteshi somphakathi saseThekwini, iDurban Youth Radio (DYR), uSizwe Goba, ukwiTop 12 ye-2024 TruFM Talent Search Radio Presenter.
USizwe (26), odabuka endaweni yaseMkhukhuze, eNdwedwe, wuyena kuphela umsakazi waKwaZulu-Natal okulo mzuliswano. Ephawula uthe ujabule kakhulu ukuba kulesi sibalo asekuso besuka ku-1700.
"Singene kwiTop 12 ngokuvotelwa ngabalaleli balo msakazo. Bazoqhubeka bavote masonto onke ukuze isibalo sidlulele kwabawu-10.
Kuqhutshekwe kusale abawu-5 ngaphambi kokumenyezelwa kwababili abasele ngoMashi 2."
Uthe ukungena kwiTop 12 kusho lukhulu kuye futhi kufana nokuthi usewunqobile umncintiswano njengoba sekunguye kuphela othwele emahlombe amathemba abantu bakwelikaMthaniya.
Unxuse abantu bakuleli ukuba bamvotele ngokuthumela iSMS ebhalwe ukuthi Radio 2 ku-39721.
USizwe uthe uqale ukulubalubela ukuba semsakazweni ngesikhathi esafunda eNhlanganiso Primary.
"Ngiyazifela ngomsakazo. UKhetha Gwala wuyena owangenza ngathanda umsakazo ngisemncane. Lafika iGagasi ngaqala ngakhonza abasakazi balo abanjengoBrian Thabethe, Alex Mthiyane, Makhosi Khoza, Lekomotion nabanye abaningi."
Uthe uqale ukusakaza kusukela ngo-2022, enikezwa ithuba nguJD Mdu noNkululeko Dlala (manje osekuKhozi FM) kwiDYR 105.1 FM, lapho esasakaza khona uhlelo lwasekuseni.
Uthe ubezitshela ukuthi eminyakeni emihlanu ezayo uzodlulela kwiGagasi FM bese egcina kwesinye isiteshi seSABC.
"Kodwa nangu uNkukunkulu esefuna ngingene kwaSABC zisuka nje," kuphetha uSizwe owaphothula uGrade 12 eNgungwini High khona eNdwedwe.