UMA uwumuntu uke uthi uhamba kahle ungaziboni noma usuphuma eceleni uma kungekho ozokuqondisa.
Yingakho kubalulekile ukuthi kube khona ozohlale ekukhumbuza noma ekweluleka uma usuphambuka ngoba ungazitshela ukuthi wenza kahle kanti uya eweni.
Kuhle futhi nokuthi ube nabantu abazokutshela into ngqo bengayinabukelisi noma bakufihlele, kunalokho bencamele ukuhamba bekuhleba emakhoneni.
Ngikuthandile engikubone kwenziwa wuKhozi FM ngesonto eledlule lapho bebezikhiphile beye enyakatho yeKwaZulu-Natal.
Inhloso bekungakhona ukuyongcebeleka kodwa bekungukuyozinuka amakhwapha ukuthi ingabe izinto zisahamba njengoba befisa yini noma kukhona amabhowodi axegayo adinga ukuqiniswa.
Uzokhumbula ukuthi unyaka emisakazweni eminingi uqala ngo-Ephreli ngakho-ke njengoba sikuSepthemba nje, kusho ukuthi usuphakathi.
Kuhle-ke ukuthi kuyobhekwa ukuthi lokhu okufunwa ngabaphathi noma okuthenjiswe yizinhlelo ukuthi zizokwenza, ngabe kusahamba kahle yini.
Ngiyazi kunesigcawu esibizwa nge-snoop session lapho khona abaphathi, ikakhulukazi owezinhlelo, ehlala khona nethimba lohlelo oluthize ebheka ukuthi uhlelo luhamba kanjani ezwe futhi nezikhalo uma zikhona.
Lezo zigcawu zibalulekile ngoba ziyabakhulisa futhi nabasakazi kanjalo nabadidiyeli.
Ngokujwayelekile zenzeka abanye bengekho nokuyingakho ngikuncoma ukuthi kuhlanganyelwe ndawonye kulokhu.
Okwenziwe ngumphathi siteshi uSbongi Ngcobo, umphathi obambile uLwazi Mthabela nomphathi wezinhlelo uPearl Maseko kuhle kakhulu ngoba nabanye abasebenza kwezinye izinhlelo bazoziqonda zonke ezesiteshi.
Lapho noma ngabe kunomsakazi ongekho noma umdidiyeli kuthathwa omunye kuthiwe akayobamba, kuzoba lula ngoba uzongena ohlelweni alwaziyo.
Ngisho noma ezwa abantu behleba begxeka emakhoneni kunokuthi naye afike agxeke ngoba enziwa wukungazi, usezofike abachazele kangcono ngokuthi uhlelo lukhuluma nobani nezizathu zokuthi luhambe ngendlela olwenzeka ngayo.
Nabo nje abasakazi bebodwa bazoqondana kangcono. Njengoba u-Ephreli usondela futhi, akekho oyothuka uma kwenzeka izinguquko ngoba uzobe ekhunjuziwe ezigcawini ezifana nalezi.
Nokumele alungise, usenethuba lokukwenza lokho ukuze engathuki ngoFebhuwari sekukhulunywa eyezinkontileka ezintsha.
Ungangibhalela [email protected], kuFacebook Fanele Bengu noma ku-X @FaneleBengu