Ezokungcebeleka Ezemisakazo

Injabulo kozosakaza noTshatha kolwantambama kuKhozi FM

Fanelesibonge Bengu and Nokubongwa Phenyane|Published

USTHANDWA Nzuza okuthiwa uzovala isikhala sikaSelby Mkhize ohlelweni lwantambama emsakazweni Ukhozi FM

Image: Instagram

ZIBUKEKA zimhambela kahle izinto uSthandwa Nzuza, okuvela ukuthi uzonyukelwa yizinsuku azisebenzayo kuKhozi FM.

USthandwa ukhuze ibuye kulo msakazo ngo-Ephreli ngemuva kweminyaka ahamba kulandela ukungavuselelwa kwenkontileka yakhe.

Unikezwe uhlelo olulodwa iChillas engena ngoMgqibelo ngo-6 ntambama kuya ku-9 ebusuku, lapho kudlalwa khona i-deep house kakhulu.

Ubuya nje, usanda kwethula uhlelo iMolapo O Reng kuMoja Love.

Enjalo ulingisa emdlalweni omusha wakwiSABC, Amalanga Awafani, lapho edlala khona indawo kaNtombi.

Isolezwe lithole ukuthi kuphakanyiswe igama lakhe ukuba kube nguye ovala isikhala sikaSelby “Selbeyonce” Mkhize, ohlelweni lwantambama phakathi nesonto kuKhozi.

USelby ubegcina ukuzwakala emoyeni njengoba eseshiya ebuyela kwiGagasi FM, aqala kulo ukusakaza.

Umthombo weSolezwe ongeke uvezwe, uthe uSthandwa uma kungashayisani nesikhathi sokuqopha ithelevishini, uyena osezosakaza noTshatha Ngobe, iWoza Nabangani Bakho ngo-3 kuya ku-6 ntambama.

Omunye umthombo uveze ukuthi okwamanje kulesi sikhala abanye bebethi akushintshane abasakazi abehlukene kodwa kwagcina kubonakale ukuthi uSthandwa akanikwe ithuba ngoba engekho umsakazi obekungabhekwa kuye.

"Aveziwe amagama ehlukene kodwa kwacaca ukuthi elikaSthandwa liphuma phambili. Uyena ozozwakala noTshatha ukuya phambili okwamanje kuze kube kuba nesiqinisekiso. Abanye bebethi uTshatha akalubambe yedwa uhlelo kuze kube unyaka ozayo ngo-Ephreli, kodwa naleso siphakathiso sangalunga," kuchaza umthombo.

USelby ushiye umsakazo Ukhozi ngemuva kweminyaka engu-13, eyingxenye yalo.

Evalelisa kubalaleli balo msakazo izolo, uthe kube iminyaka egcwele injabulo kuye ukuba yingxenye yalo msakazo.

"Jehova angazi nokuthi ngiqale kuphi. Ngiyambonga uMdali ngethalente angiphe lona futhi angilibukeli phansi. Ngiyabonga ngokungipha umsebenzi engiwuthandayo emhlabeni, namathuba alokhu evelile ahambisana nawo, konke lokho kukhulu kimi njengoba ngihlangane ngaphinde ngasebenza nabantu engithinte impilo yabo ngokuhlukana.

"Nkosi ngiyabonga, kodwa ngifuna ukubonga abalaleli ngothando abangikhombise lona kule minyaka bangamukela emsakazweni ngezandla ezimhlophe. Sibe nesikhathi esimnandi ndawonye, ngiphelelwa amazwi ukuthi ngithini yize ngingumuntu okwaziyo ukukhuluma," kuchaza yena. 

Okhulumela iSABC, uMmoni Seapolelo-Ngubane, kushaye isikhathi sokushicilela engaphendulanga ngokuthi ngubani ozovala isikhala sikaSelby.