LITHUKUTHELE lithelwa ngamanzi iqembu likamaskandi, Izihlabani licasulwa ngoMacekeceke Abasha, elibasola ngokuthi bathathe ingoma yalo.
Umholi weZihlabani, uNzuzo Hadebe, uthe sebethathe nezinyathelo zokuxhumana neSambro ukuzwa ukuthi kwenzekeni ngoba ingoma bayibhalisa khona.
“Yingoma yethu, bayithathe njengoba injalo Omacekeceke. Abashintshanga lutho kuyona. Le ngoma eyango-2021 futhi sifolose ngayo kwi-albhamu yethu. Kumanje kukhala ngisho abalandeli bethu ngoba akekho ongazi ukuthi eyethu.. Okubuhlungu sayibhala ingakaze iculwe wumuntu sasebenzisa ubuciko bethu. Ngisho nesigqi yinto eyodwa,” kuchaza uNzuzo.
Uthe okwenze babona ukuthi bebehlose ukuyithatha ngempela ingoma yabo basebenzise umdlali wesiginci uCelumusa Zuma, owayesetshenziswe yibona ngesikhathi beqopha eyabo ngo-2021.
Uthe Omacekeceke bebekuhlosile ukuthi bayithathe ngoba abakaze bamsebenzise uZuma ukuthi abadlalele.
Kumanje uthe balekelelwa nguyise uMaqhinga Hadebe, ukusukumela udaba lwabo ngoba yena ungumuntu oqonda kahle ngezindaba ze-copyright. Uthe iSamro isiyaxhumana nabo ukusukumela udaba.
Kuthintwa Igcokama Elisha, lithe liyamangala ukuzwa lokho.
“Angihambisani nokuthi kuthathwe izingoma zabanye abaculi. Yize iqembu Omacekeceke lingaphansi kwami kodwa amandla ngawanika abacula kulona ukuthi bazenzele yonke into. Ngicela ukuthi uxhumane noMshovo omunye wababhali bezingoma kulona akucacisele,” kusho Igcokama.
UMshovo uthe kuyamthusa ukuthi bantshontshe ingoma ngoba akakaze ayizwe ndawo.
“Ingoma ibhalwe yimina impela futhi ngiyayicula. Ngisebenzise ubuciko bami angikaze ngiyizwe kumuntu. Kwalona iqembu Izihlabani, angilazi angikaze ngizwe ngalo,” kuphendula uMshovo.
Ngokusebenzisa umdlali wesiginci uCelumusa Zuma, uMshovo uthe abaqali ukumsebenzisa. Uthe uma bengasebenzisile yena bebebuye basebenzise uMaqhude Mkhize.
Isihloko sengoma yeZihlabani sithi: MaMvelase kanti eyoMacekeceke sithi: Umuntu Uyajika.