IZITHANDANI zizosheba izinkondlo nolozolo lomculo wothando kwiPoet In A Suit eRoyal Hotel, eThekwini ngoFebhuwari 25 phakathi kuka-7 no-9.30 ebusuku. Kulo mcimbi waminyaka yonke kuzobe kushiyelana inkundla uMxolisi Mtshali wodumo lweZulu Love Letter, umculi uMusiholiq wodumo lwengoma ethi Ogawul'ubheke, uJobe, Kholeka Putuma, Nomashenge, Luyanda M, Lethu Nkwanyane noSteel The Poet. Umgqugquzeli walo mcimbi uMxolisi uthe wasungulwa ngo-2014 ukunikeza izimbongi inkundla yokuba zisine zidedelane. "Mina ngize ngathola ithuba lokuveza ikhono lami emicimbini yosomahlaya neyomculo. Beyingekho inkundla ebiqondene nosonkondlo. Abantu abaningi bebazi ukuthi azikho ezinye izimbongi ngenxa yokuthi bebebona mina kuphela." Uthe lokho bekwenza kubenzima kwizimbongi ukubiza imali efanele ngoba abahleli bemicimbi bebekhuza ibhadi. Uthe uyajabula ngoba lomcimbi ukwazile ukukhulisa lomkhakha eThekwini naseKZN namaphethelo kwaze kwaklapakela nakwezinye izifundazwe okubalwa kuzo iWestern Cape, Gauteng neFree State. Eqhuba uMxolisi uthe kulo mcimbi bakwazile ukumema amaciko aziwa kweminye imikhakha ukuba azoveza ikhono ebelifihlekile. Kuwona ubale umlingisi uSello Maake kaNcube, umculi we-jazz uKabomo nomrepha uZakwe. Echaza ngePoet in a Suit, uMxolisi uthe waqhamuka nomqondo wokuba izimbongi ziswenke futhi umcimbi ube sehhotela ukuze ukwazi ukuheha nabantu abasebenzayo. "Sabe sesithi asenze kubenomculo womphefumulo. Yingakho kulokhu silande uMusiholiQ osesebenze nabaculi abaningi abahlonishwayo kuleli abanjengoBig Zulu."
Uthe lomcimbi uwuqondanise nenyanga yothando ngenhloso yokulwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nodlame lomndeni. "Yingakho lomcimbi siwubize ngeDudlu! ngoba sifuna ukuvuselela uthando lwakudala kubantu. Sifuna ukuvuselela ukuxhumana nokuncomana kwakudala. Ukulahleka kwakho yikho okwenza lezi zinxushunxushu ezikhona manje. Awukwazi ukubiza umuntu ngembali, wena futhi uphinde umsakaze ngempama. Akuwenzi umqondo lokho. Awukwazi futhi ukubiza umuntu ngendlovukazi, ubuye umgeje ngesagila."
Uthe kulo mcimbi kuzobuye kube nomdlalo lapho izinsizwa zizoqhudelana ngokushela izintombi bese kuthi ecikoze kahle iklonyeliswe ngokuthize. Uthe izithameli kuningi ezizozijabulisa ngakho kulo mcimbi. Esephetha uMxolisi uthe amathikithi aseyatholakala ezitolo zakwaShoprite ngoR200.