UZOBANJELWA eGoli naseThekwini umcimbi wezithandani okuhloswe ukuvuselela futhi uqinise uthando ngoba Febhuwari, waziwa njengenyanga yothando.
I-The Marriage Dance, umcimbi ohlelwa ngabashadile asebezakhele igama ngokukhuthaza abantu ukuthi bathandane uMo noPhindi Grootboom. Uzoba ngoFebhuwari 17 eSuncoast, eThekwini, bese ngoFebhuwari 24, udlulele e-Emperors Palace, eGoli.
Abahleli bomcimbi bathi uhlukile futhi ugcwele umculo nomdanso hhayi nje izinkulumo.
“Kukhona abadansi abawufundele umsebenzi abazoba khona nabazosiza izithameli zethu zikhande uthando lwazo ngezindlela ezihlukene ngoba nomculo ozobe udlala uzoba ngenye yezinto ezihamba phambili. Ngeke sidlale nje, noma iluphi uhlobo lomculo kodwa kuzoba okhuluma ngothando nozokwenza izithameli zethu zisondelane kakhulu,” kuchaza uPhindi.
Uqhube wathi ngeke zibe ningi izinkulumo ezigqugquzela uthando njengenjwayelo kepha umculo nomdanso kuzohamba phambili.
“Silungiselele imidanso eyishumi ezohambisana nezinkulumo ezimfishane kakhulu. Injongo yomcimbi wukuthi sijabulise izihambeli. Imizuzu engu-120 iyona esizoyibeka ekutheni kujabule abantu ngomidanso nokunye esikuhlelile. Umshado yinto emnandi okumele kusetshenziswane kuyona ngokubambisana. Ngakho siqhuba lelo vangeli namanje,” kuchaza uPhindi.
Baveze ukuthi basungule lo mcimbi ngemuva kokubhala incwadi yabo yesithathu ethi The Marriage Dance, ezophuma ngoFebhuwari 14.