UMHLELI womcimbi omusha, iHalleluya Gospel Concert ozoba KwaNgcolosi ngoMashi 18, uthi bazowusebenzisela ukufukula abantu bendawo abasazama ukuvuka ngemuva kwezikhukhula zangonyaka odlule.
Ngenyanga ezayo kuzobe kuhlangana unyaka kwahlasela imvula enamandla ngo-Ephreli, eshiye kukhalwa ezindaweni eziningi, ikakhulukazi eThekwini.
USlindile Ngcobo ohlela umcimbi ozoba sendaweni esanda kuvulwa, KwaGalaji Concert Venue ngaseNanda Dam, uthe bazobe bevuselela nabantu ngokomoya.
“Esikwenzayo kungaphezu kwekhonsathi yomculo kodwa wusuku lokuvuselela abantu ngokomoya, ngemuva kwemvula enamandla eyahlasela ngo-Ephreli ka-2022. Abaningi bashona, amakhaya emindeni alimala futhi kwalimala nengqalasizinda emphakathini.
“Ikhonsathi esiyenzayo ngeke igcine ngokuvuselela ngokomoya kuphela, kodwa izosiza umphakathi ngokuthi uthole imali encane ngoba amabhizinisi endawo azohlomula ngokuza kwezivakashi zangaphandle nabantu abazoqashwa,” kusho yena.
Kulo mcimbi, oxhaswe wuMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, kulindeleke ukuthi kucule kuwo uDumi Mkokstad, Sphumelele Mbambo, Thobekile, Jumbo noBabo Ngcobo.
USlindile uthe abantu kumele baphathe ama-camp chair ukuze bahlale kahle. Uthe umcimbi uzoqala ngo-2 emini kuze kube wu-8 ebusuku.
Amathikithi aseqalile ukutholakala eComputicket ngoR100 futhi uSlindile uthe azoba khona nasesangweni.