UMCULI oqopha esitebeleni Inkabi Nation, uXowla useveze ukuthi ukubambisana bengabaculi abahlukene kulesi sitebele, yikhona okwenza baqhubeke bakhiphe izingoma ngokuhlanganyela bebonke.
UXowla ukusho lokhu ngemuva kokuthi bekhiphe ingoma ethi Selokhu ephume ngoLwesihlanu olwedlule.
Kuyona kukhona uBig Zulu, Mduduzi Ncube, Lwah Ndlunkulu, Xowla, Siya Ntuli noMusiholiq.
UXowla ekhuluma ngokukhipha le ngoma, uthe akujwayelekile ukuthi ezitebeleni ezehlukene kuleli abaculi bahlangane bakhiphe ingoma, kodwa wukubambisana kwabo kahle okubaholele lapho bekhona.
“Yingoma lena ezoqhubeka nokuqhakambisa iqembu lethu njengoba ixoxa izindaba ezehlukene ezigxile kakhulu kwezothando. Ukusebenza ngokuhlanganyela ngaso sonke isikhathi kuhlala kungikhumbuza ukuthi sibambene kanjani kulesi sitebele. Uma sikhiphe ingoma kanjena kuba nomzuzu omnandi estudiyo futhi uma besiqashile sonke siba nesikhathi esimnandi ngempela,” kuchaza uXowla.
Uthe kukho konke babonga uBig Zulu,obabeke lapho bekhona kanti nokuxhaswa yimindeni yabo nakho kudlale indima enkulu kubona bengabodwana.
“Sithemba ukuthi abalandeli bethu bazoyithakasela ingoma, ngoba asingabazi ukuthi izobathinta ngezindlela ezehlukene. Ngicabanga ukuthi uma singayibamba kanjena ngenxa yokuholwa uBig Zulu, isitebele Inkabi Nation sizoqhubeka nokuba kuleli zinga esikulo manje futhi singashabalali,” kuchaza yena.
Laba baculi abaqali ukukhipha ingoma ngokuhlanganyela njengoba kukhona ethi Voicemail nezinye.
Muva nje kusanda ukubatshazwa khona ukubambisana kwalaba baculi abaphelela bonke ePlayhouse, eThekwini ngesikhathi uBig Zulu ethula i-albhamu yakhe ethi Icala Lempumelelo.
Kulo mcimbi owawunesithangami nabenzindaba kwenzeka okungajwayelekile njengoba waphenduka idili lomculo abaculi abakulesi sitebele bengena esiteji becula izingoma zabo ezehlukene.