Ezokungcebeleka

Ayizisoli intsha yaseThekwini ngokwenza umculo wesicathamiya

Nokubongwa Phenyane|Published

AMALUNGU eqembu lomculi wesicathamiya Abacikozi elibheke eThailand, njengoba limenywe emcimbini wokugqamisa amasiko amazwe ehlukene emhlabeni

Image: Sithunyelwe

LIBONGA uxhaso eliluthole kuThulani Shabalala ongenye yamadodana enkakha emculweni wesicathamiya, uSolwazi Joseph Shabalala, amalungu eqembu Abacikozi, maduze nje azobe elibhekise eThailand, embukisweni wokugqamisa amasiko amazwe ahlukene.

Lokhu kuvezwe ngomunye wabasunguli baleli qembu, uLucky Malinga odabuka eNtuzuma, othe leli qembu uliqale ngo-2022, nomunye wozwakwabo uBongumusa Hlophe.

Kodwa uthe sebebonke kukhona uSandile Shezi, Thobani Sithole, Ayanda Mkhize, Mthobisi Vilakazi noSakhile Ndlovu abaqhamuka eMaoti.

Uthe iqembu lithakwe ngamaciko abenza izinhlobo ezehlukene zomculo.

“Iqembu lihlanganiswe abantu akade benza umculo ohlukene, nesithe uma sibheka igama sabona ukuthi singamaciko enza into ehlukene sase sizibiza ngaBacikozi. Ngesikhathi siqala ukucula asifunanga ukushalazela amaqembu amadala kunathi afana neMambazo uma ekhuluma ngomlando wawo ukuthi asuka kuphi, sakubheka konke lokho sazitshela ukuthi nathi asizame siye phambili. Sikhethe isicathamiya ngoba umculo oyimvelaphi yethu nochazayo la sisuka khona njengabantu abamnyama,” kusho uLucky.

Uthe abakwesabi ukuqala ukuhambela amazwe aphesheya kwezilwandle ngoba bayazi bazofike bayigqamise imvelaphi yalo mculo baphinde bakhombise nangamanye amasiko ikakhulukazi indlela abazobe begqoke ngayo.

“Umculo wesintu akumele ugcine ngabantu abadala, nathi asiwuqhube njengentsha yamanje, singawuqedi siwubuke uphele. Siyabonga kubaba uThulani ngoba uma kukhona lapho singaboni kahle khona uba usizo olukhulu. Zikhona izingoma esesike sazikhipha ngaphambilini okukhona ethi Sweety My Love nethi Arrive Alive, okwamanje simatasa nokukhipha entsha. I-albhamu asijahile ukuyenza sisafuna ukubona ukuthi basamukela kanjani kuqala,” kuchaza yena.

Uthe ngo-Agasti 2 bazoba nomcimbi eBallito’s Farm Market la bezojabulisa khona izihambeli zale ndawo ngezingoma zabo ezihlukene.