UMYENI kaZanele Mbokazi uMbhishobhi Mpendulo Nkambulo, useveze ukuthi akaphili kahle ekhanda uBrother Enigma, ngemuva kokuthi ekhasini lakhe kwiTik Tok, ekhiphe i-video etshela abalandeli bakhe ukuthi uZanele uyasha esihogweni.
U-ENigma uqale ukuzakhela igama ngokubonakala enza ama-video ebiza amagama abantu abaphezulu namabandla ahlukene egxeka izinto azenzayo ethi uJesu akahambisani nazo.
Kule video yakamuva uveze ukuthi ubone umlilo, futhi akabeki muntu cala ngalokhu akubonile njengoba yena elapha emhlabeni ezoveza zonke izimfihlo zasezulwini.
“Mina uma ngifika ngizonitshela izimfihlo nina ningaphenduki kumele nazi ukuthi lelo akulona iphutha lamuntu. Kunomama futhi kunomlilo kodwa angikwazi ukubona kahle umbala kunentuthu engiyibonayo. Ngenxa yokuthi le nto ngiyibukela kude angikwazi ukubona kahle umbala walapha engibona khona lo mama. Kodwa uJesu wenze ngavuleka amehlo ngokukamoya ngabona abantu bephakamisa izandla,” kusho u-Enigma.
Uthe amehlo ka-Enigma abe eseqonda ngqo komunye umuntu, okuyindlela uJesu akade efuna abone ngayo lo muntu.
“Angiboni kahle ukuthi owesifazane noma cha, ngenxa yokuthi bashile izandla zabo zingamathambo nenyama eshile. Kodwa izwi lakhe owesifazane, uyamemeza uthi “nginguZanele Mbokazi” amehlo ami uma eya kolunye uhlangothi ulokhu ememezile ethi “nginguZanele Mbokazi” umemeza kaningi ungitshele ukuthi angitshele omama mfundisi bathwale ekhanda, njengoba esho kanjalo uya emuva izwi lakhe liya ngokuphela kodwa ngimuzwe kahle ethi “nginguZanele Mbokazi,” kuchaza yena.
UNkambule uthe u-Enigma wumuntu odinga usizo njengoba ezididekele.
“Angifuni nokuzixaka nje ngiphendula lowo muntu, ungubani yena ukuthi aze akhulume kanjena? Engizokusho nje wukuthi udinga usizo futhi ungumphrofethi wamanga,” kuphetha uNkambule.
UZanele ongumsunguli womcimbi wezindondo amaSABC Crown Gospel Music Awards, udlule emhlabeni ngonyaka odlule ngemuva kokuhlaselwa yisifo somdlavuza wamaphaphu.