UMLINGISI odume ngelikaDamdam kwiSibaya, uSayitsheni Mdakhi, usengene emkhakheni wokudidiyela imidlalo yethelevishini.
Ikhono likaSayitsheni (39) lizoqala ukubonaka kuMzansi Magic ngo-7.30 kusihlwa.
Namhlanje kuzovezwa umdlalo kaSayitsheni osihloko sithi Intethelelo, obophele abalingisi abaqavile okubalwa kubo uLinda Sebezo onguLily kuSibaya, uMduduzi Mabaso weRhythm City, uMlungisi ‘Skandi Kid’ Mathe weSkeem Saam, uPaul Maila noHlengiwe Lushaba-Madlala.
Echaza uSayitsheni uthe kuzobe kuyifilimu yakhe yokuqala lena njengophrojusa.
“Senginesikhathi ngaqala ukubhala imidlalo. Amazwibela omsebenzi, yingesikhathi ngibhala umdlalo oyiziqephu ezingu-26 othi Heist, ngiqashwe yiBranded Soul Produ-ctions.
“Ngabuye ngabhala iziqephu zomdlalo othi Ingozi 2, ngiqashwe yiWord of Mouth.
Njengamanje ngibhalela Isithembiso, ngiqashwe yiBomb Productions.”
Uthe waxhumana nezikhulu zeBomb, wazitshela ngephupho lakhe lokuba wumdidiyeli.
“Basamukela isicelo sami futhi bangenza isikhulu sezokuxhumana ehhovisi lababhali balo mdlalo.
Lo msebenzi omusha wangiqeqesha ukuba ngiqonde ngamakhono adingekayo ekuphrojuseni.”
Uthe ube esethula imibono yemidlalo yakhe kuMzansi Magic kodwa kwangalunga. “Ngemuva kwemizamo eminingi, babe sebewuthatha omunye wemidlalo yami othi Intethelelo.” USayitsheni uqale ukwaziwa ekulingiseni ngesikhathi edlala indawo kaSpeshil kwiRhythm City.
Usenamava kulo munxa wokulingisa njengoba esake walingisa nakwiYizo Yizo 3, Tsha Tsha, Home Affairs, Keeping Score nase-Emoyeni.
Ubuye walingisa futhi waqondisa imidlalo yeshashalazi okukhona kuyo othi My Hobos, Can I get an Amen?, Who’s Drinking Who?, Dance Mzansi, A-Man versus Amen nothi Queens Daughters.
*Intethelelo izokhonjiswa kuMzansi Magic namhlanje ngo7.30 ebusuku.