ISIKOLE somdanso iKwaMashu School of Dance Theatre (KMSDT), sizobeka elakuleli ebalazweni ngoba sizohlanganyela nezinye izikole zaphesheya kwezilwandle, ezizoba yingxenye yabadansi abazoqhakambisa inkinga yamanzi, ekhungethe umhlaba wonke.
Lokhu bazokwenza ngoJuni 10, emcimbini omkhulu ohlelelwe emazweni ahlukene, owaziwa ngeGlobal Water Dance Festival. Phakathi kwamazwe azoba yingxenye yomdanso kubalwa elakuleli, iGhana, Germany, Peru, Italy ne-USA.
Injongo yomcimbi ukuthi kuhlanganiswe imiphakathi ukuze kuqwashiswe ngenkinga yamazwi ethe chithi saka.
Isiqubulo somcimbi sithi Waiting for Water, kuzobonakala amaqembu abadansi abasebancane abangu-150 baKwaMashu, nabasuka kwezinye izindawo eziseduze. Okuhle wukuthi abantu bazowujabulela mahhala umcimbi ozoba ngoJuni 10, ngo-2 ntambama, eGreen Hub, eLagoon Park, eThekwini.
Ekhuluma nozakwabo weSolezwe, i-IOL, umsunguli weqembu iKMSDT, uVusi Makanya, uthe ujabule ukuthi babe yingxenye yomcimbi womdanso okhuthaza ukuthi kube noshintsho emiphakathini ehlukene esifundazweni.
“Ukusweleka kwamanzi ngenye yezinkinga ezinkulu kuleli. Ngakho kukhona okumele sikwenze ngokushesha ukuze sikwazi ukubhekana nesimo. Ngemuva kwezikhukhula ezahlasela ngonyaka odlule, sibone izimvula ezibulale inqalasizinda yamanzi, kwalimala imizi eminingi esifundazweni sethu, kwafa nabantu. Kuyimanje emiphakathini eminingi amanzi ayanqanyulwa, abanye abantu babamba olayini abade befuna amanzi. Ngakho umucu esizowenza uzogxila kukhona konke lokhu esibhekene nakho,” kuchaza uMakanya.
Uthe eminye imicu yabo, ikhuluma ngokuhlanzeka nokuphepha kwamanzi.
UMakanya, uveze ukuthi inhloso yemidanso yabo ukuletha ithemba noshintsho futhi ikhuthaze abantu ukuthi bathole ushintsho, bafundiswe nokuthi bawaphathe kahle amanzi.
“Ngikholelwa ekutheni umdanso usivumela ukuthi sixoxe izindaba sisebenzisa imizimba yethu. Umdanso ngenye yezindlela ezisetshenziswa ukuveza imizwa ehlukene, ngaphandle kokukhuluma noma yiluphi ulimi kodwa ulokhu unyakazisa umzimba. Siqale lo mkhankaso ngo-2019, kuze kube yimanje futhi yithi sodwa esiyiqembu lakulel elikulo mkankaso,” kusho uMakanya.
Uthe uthanda ukukhuthaza namanye amaqembu ukuthi athathe ithuba elifana naleli. Wathi ubona kuvule iminyango eminingi ebantwini abasha abafuna ukukhombisa ithalente emicimbini yaphesheya kwezilwandle.